
Ngelinye ilanga ekuseni isikhukhukazi esibomvu satakazela saye sazithukusa ngaphansi kwenkala sikhefuzela kakhulu.  Kanti senza konke lokhu nje uMaZondi nosibongile basibonile lapho siye sacasha khona sibaleka besixosha.  Sebesibambile oyedwa waliamba walanda ummese kwathi omunye wasikhama entanyeni ukuba singakhali.
Ngathi lapho ngibuza ukuthi kwahlatshwa izinkukhu nje kwenzenjani, ngatshelwa ukuthi kwakuzofika utommy ephuma ethekwini.  Kwathiwa ubonakale ehla ebhasini lase Mgungundlovana. l@' wenczezelwa ngokuthi kuyabonakala ukuthi wayeIale endlelei-d ngobusuku elila ngabo emngungundlovana.  Ngakho wayeselindeleke ekhaya noma nini.
"0! Abantu bakubo kufanele bajabule uma bembona, kakhulukazi uma ebaphathele izinto eziningi ezinhle zasedolobheni.  Kuyamangalisa okuningi kwalena edolobheni.  Kodwake pho inkukhu yomhlinzeko walowo mfokazi ihlatshelelwani lapha ekhaya?" Kusho mina ngigcina ngombuzo.
"Akenilalele ugumede.  Kanti useguge impela bakithi?  Akasayazi kwandodana yakhe?  Akasafuni nokuba umntanakhe ahlatshelwe ngisho inkukhu yodwa lena.  Akasafum' enzelwe namhlinzeko, yize umntwana sekukade kangaka ahamba.  Kodwa-ke Qwabe, noma ungakhonona uthini, noma ungancishana kangakanani, lenkukhu engiyihlabile ngeyami, izalwa yisikhukhukazi lesiya esasimachafachafa.  Ngiyihlabela umntanami-kc ngokubona kwami." Wakhuluma kanjalo kimina uMaZondi.
"UTommy, noma aiigizwanga kalile kuthiwe ngutomi?  UTommy, Tommy, gama lini Iona lelo?  Anginandodana mina ebizwa ngalelo gama.  Usho ukuthi umfana Iona usengaba namahloni ngegama lakhe, akasazibizi ngegama likayise?  Useqoma ukusebenzisa igama elingasho lutho, elingasuselwa ndawo.  Hawu, umuntu wtyekubonephi khona lokhu?  Engathi

96

nezinja zinamagama aslio utho asuselwa ezintweni ezithize futhi?" Ngaldiuluma kanjena, uMaZondi wathi ngiyaluthanda uchuku, njalo ngixabana naye ngezinto ezincane.
UMaZondi wayesethanda alcungehlula, eqinisweni wayesephumile esandleni sami.  Kwase kulukhuni ukumenzisa intando yami ngokuphelele ngoba wayesengibukela pliansi, esehlonipha abantu bokuhamba kunami, eseziphatha kahle ayeke nokutlietha uma bekhona kuphela.
Kwathi lapho amathole esadedelwe nonina emva kokuba abafana sebesengile, kwaqhtmuka insizwa ilengise ibhokisi elalihlofokile labhaqaka eceleni, ifake izicathulo ezazilibhondwe, nesigqoko esasisikwe umpheme sabekwa sathiwa chwa nje ekhanda.  Iyembe ayclifakile laliyizibhadu, umbala omningi kulona kungobomvu.  Ebusweni wayezibazibazi, ekhanda engozingozi, nomudwa omkhulu esandleni sakwesokudla kubonakala ukuthi yinxeba lommese. lzwi lakhe lase lahoshozela, umlomo ubomvu, isithupha sakwesolci-idla simi-iyama.  Kwakuthi lapho ehleka kuqhamuke izikhewu zamazinyo, kanti nangaphakathi emlonyeni kwakubonakala kuluhlazana.  Yayisifikile-ke indodana yami, isifana nomuntu wezizwe kiiyu'na, ngingasaboni ukuthi lo nguyena owayeligazi lami, elithambo lami.  Wayeseguquke kakhulu, nokumemukela nginibize agokuthi yindodana yami ngakwenza ngoba ngitshelwa ukuthi wayezalwe yirnina.
Ufika nje akusekuqina kuyena!  Qhalaqhala ngangilibonephi Iona leliyana bo?  Wayesekutliathe konke nje bo okwabeLungu.  Wayesehleka kancane angagegetlieki ngoktiqandulayo, wayengasaxoxi nomu nt-u. uma engakaziswa ukuthi ungubani lowo muntu.  Nalezo zing-abo ayezigqokile zase zimenza abukeke engaseyena uzulu, nephunga laklie lase liyisilungu.  Wayegcoba amafutha anukayo ezinweleni ebusweni nasemakhwapheni.  Zazibonakala futlii izinwele Iezo ukuthi wayeseke wazama ukuzibhulasha azelule zifane noboya bembuzi.
Ikhona enye into engayibona lcuyena.  Noma wayekliukhumele engangelayisi, kwakukhona kodwa kuye ukwesaba.  Wayezama ukulingisa izithixo zakhe Iezo, abelungu, ezama nokungibuka emehlweni, kodwa lokho wayehluleka ukukweiiza. 97

Umntanami wayesengutsotsi, wayeselihumusha, wayesengunhliziyo-ngise, wayeseyisigebengu, wayesengumbulali, engumkhohlisi, engumphangi.  Wayeseyinto engahloniphi sizalo sayo, engenamuzi, kungasekho gugu angaziqhenya ngalo ngokwakwazulu.  Konke okwase kusengqondweni yakhe kwase kungaphesheya komfula, le kobelungu; nakhona intaba imile, yena efana nozulazulayo efuna ilele lokukhuphukela phezulu, kepha elifuna ngendlela elingatholakaii ngayo, elifuna engalilungiselele.  Ngenxa yaloklio-ke wayelokhu eme phansi ejame phezulu okwenja ekhonkotha ikati elisemthini.  Nasemuva wayengafuni ukupliindela.  N-gokuqhubeka kwesikhathi ekulesi simo, avalwa namasango alapho ayephume khona wase eba yindingasithebeni.

Ngafikelwa ukuthukuthela lapho ngimbona.  Ngezwa inhhziyo yami inyanta lapho ngikhumbula indlela engangethembele ngayo kulomfana.  Lowo kwakungesiyena umuntu owayengangiphelekezela lapho ngiya emibuthanweni noma ngiyokhonza komkhulu.  Akekho owayengumngane wami owayengahlalelana nendodana yami ngaleso sikhathi.  Abanye babeyoyesaba abanye bayicasukele, abanye babeyoyikhafulela ngamathe, abanye babeyoyishaya.  Amantombazane ayeyohambela kude, ayibukele phansi, angazi noma konje iyinsizwa yini.

Konke lokhu kwangiffidsela ukuthukuthela.  Ngaphuma ngaya ngasesibayeni ngaqalaza ezigangeni ngabheka phezulu, ngaphelelwa umqondo ngaphenduka isithingithane khona ebaleni.  Ngaphenduka ngabbeka ngakwesokudla ngabona lapho yayilele khona insizwa endala, ithuna likababa, ngezwa ngifikelwa yizinyembezi ngaphindela endlini ngafike ngakhuluma ngokufutheka, kangaze ngalalela nelilodwa ilizwi alishoyo lokuzithethelela, kangaze ngezwa nalapho elanda izinhlupheko ezase zike zamvelela.  Wazama ukungincenga, wazama nokukhuluma ngenhlonipho, wangibuka emehlweni, ngaeasulwa nayikho lokho, kanti namehlo akhe ayesabheja aba bomvu.  Khona lapho ngasukuma ngenza amalungiselelo okuba ngivakashele umngane wami kengidedise ubuso balomfana phambi kwami.

98

Ngahamba ngoba ngangithukuthele, ngidumele, ngifuna ukuxola nokuyopholisa umphefumulo wami.  Kodwa kukhona futhi okunye okwangenza ngisheshe ngihambe ngivakashele umngane wami.  Lokho kwakuyikwesaba uk-uthi uma ngangihlala sengikulesiya sinio, hleze kukhulumeke amagama ayengasenakukhohlakala ezinhliziyweni zabo bonke ababeyokube bekhona.  Enhliziyweni kwakukhona ithenjana lokuthi hleze lowo owayephambi kwami kwakungesiyona ngempela indodana yami engangiyihluphekele kangaka.  Ngaiigicabanga ukuthi leso simo eyayiyiso sasingesedlulayo, ngangicabanga ukuthi mhlawunibe ikhona inguquko ethile eyayizokuba khona, ngibone indodana yan-ii ngempela.
Nganginawo amadodana emaningi.  Omunye angathi ngenxa yalokho-ke ngangingafanele ukukhala nokudabuka kakhulu.  Lowo-ke osho njalo ngimkhumbuza ukuthi lendodana yami ngangiyihluphekele, ngithengise nangezinkomo zami ngiyifundisa.  Noma ngangimailqikanqika khona ngisakwenza lokho, kwahamba kwahamba wangingena umoya kanina, ngazikliohlisa ngacabanga ukuthi iiempela uinfana wami lowo nguyena owayeyoklianya abe yisibaiii ekhaya, ngacabanga ukuthi ngiyophephela kuyena, ngazethembisa ukuthi yena uyokuba ngeono kunabafowabo ngoba yena olwakhe ulwazi lwemvelo lwalwengezwe ngmefundo.  Ngacabanga ukuthi umqondo kazulu uxubene nowesilungu, ungabumba umqondo oqotho kunokuba yomibili leiniqondo izimele yona ngokwayo ingathekelelani.  Kwathi lapho sengibona ukuba indodana yami ikulahlile konke lokho okwakuligugu kithina, iphume impi yokuyozingela okusha ingakwakhele indawo, ithi yikhona kuyokuba yisisekelo, ngadumala; ngoba ukuba leyo ndlela yayo yayisebenza, ngabe leso sililo ngangingasikhihli.
Ngahamba ngingasadlanga nak-udla, inhliziyo yami yayikhuthubele.  Nganikela emzini womngane wami umqangabhodwe Khumalo, lapho ngangazi ukuthi ngangizokv,,amu kelwa ngesasasa, ngazi futhi ukuthi lapho amasiko ayesagcinwa, izinto zethu zomdabu zaziseligugu.
Ngashehsa ukufika, kwaba kuhle nokhumalo ngamfica

99

esebuyile lapho ayekade eyokhongela khona indodana yakhe endala.  UKhumalo kwakuyindoda elungile neyayinomqondo.  Ngahlala naye ngakhumbula okudala.  Kwakumnandi sihlezi emthunzini womsimbithi sinatha siphungulelwa yitshitshi, umuntu ayelibuka maqede kuklase umzimba.  Okwesikhashana wagezeka umphefumulo wami ngakhohlwa yilokho okwakungiphethe.  Inhlonipho emzini kakhumalo yayifana neyethu sisakhula.  Abesifazane babeguqa lapho bekhuluma nabesilisa, izingane zazingababuki emehlweni abantu abadala, unkosikazi wayengaqekethi-umyeni wakhe alibeke naye alibeke afune kuze kugcine yena.  Ekhanda-ngase ngimhlophe, kwakhumalo, ngangihlonishwa kwaziwa ukuthi ngase ngikhulile.
Kwathi lapho ilanga lilengela ezintabeni amabombo ezinkomo ebheke emakhaya, amathunzi ezintabeni enabalalela ukuhlangana namanye, ngavalelisa kumtungwa ngabamba ebheke ek-haya.  Ngesikhathi ngibuya kwakungathi inhliziyo yami ibigezwa obisini kwaphola izilonda, kwakungathi ithemba lami licwiliswe emthonjeni lahlumelela.  Ngaleso sikhathi ngangizwa wonke umzimba wami ugewele uxolo, ngazethembisa ukuthi isikhathi esizayo sasingiphathele induduzo.
Yebo, kuliqiniso ilanga liphuma lishone, ubumnyama buxoshwa masinya ukuhanya; amahlungu abaluhlaza izinsukwana ezimbalwa kodwa masinya futhi kufike ukushazwa; amankonyane ayancela aphusel lzikhathi zihlala ziguquguquka.  Kanjalo nabantu abancane bayaguquka.  UBasuse wayeseguqukile, wayengasafani nezinye izingane zami.  Lokhu kodwa kungakhona ngoba nonina wehluke kakhulu kwamanye amakhosikazi ami.  Amankonyane afuza onina, kanjalo nezingane.

Kwathi lapho sengiphindela ekhaya kwangithatha isikhathi eside kunokuba ngangicabanga.  Yebo, kwase kusho khona ukuhamba kiveminyaka.  Ngafika emagcekeni omuzi wami lapho kuhwalala, kuhlokoma amaxoxo emifuleni.  Ngabafica bonke behlezi ezindlini, nezingane sezibuye zonke zayokotha kwagogo, amakhaza ayeseqalile.
Kwathi ngesikhathi ngedlula ngakwaMaZondi ngezwa izwi lwalowo okwakuthiwe ngumntanami likhuluma.  Ngezwa

100

a

kalile kainhlophe futhi ukuthi "utommy" lowo wayekhuluin

lo.	ncami.  Kwathi uma elokhu ethi kuMaZondi, "mama" kuthi
llzi	lapho ekhuluma ngami athi, "ubaba", ngakholwa-ke ukuthi
hi,	lowo kwakungumntanami impela wozalo; kepha ngalokho
na	ayeseyikhona ngaleso sikhathi wavesefana nesitlia.

"Cha, cha mama.  Nawe uyazibonela, kungeze kwangene-

.U
@u	lisa lokho.  Lapho ikhehla leli elingubaba selishona, siyothola
;a,	kuphela imithonselana yezinkomo okuyiyona bekungeyendlu
zi	yakithi.  Ubaba yindoda enakekelayo, yilokhu abanjalo ngiqala
ie	mina ukubheka.  Kufanele kube khona imali ebek@,vayo, singa-
to-	thembeli kuphela ezinkomelli into ebula-,va indlala igcanse ife.  Uthi mina, mama, ngingakumela ukuba ngihlale ngibukele

,0	imihlambi yezinkomo iba ilifa labafowethu abangazi lutho,

@a	abangayanga nasesikoleni ngoba nje bona bezalwa ngarinakho-
ia	sikazi agana ubaba kuqala, kwathi mina nc,,,azalwa nguwena
	owamgana ka muva'?  Yirnina engi.zothwalt umthwalo wezi-

	nhlupheko ena,,ingazange ngizidale?  Akiimina engatlii kangi-
ii	zaleke ngaloluhlobo oluligenza ngingazuzi lutho, ngisho oluncane.  Nabafowethu akubuhlakani babo ukuthi bazalwa ngendiela ebenza ukuba lokho kukababa kuzuzwe yibona.

	Konke lokhu kwazenzekela.  Ngakho-ke izinto kufanele zihlelwe kalile, nokusalayo kubaba lapho esefa byabiwe ngomqondo nangendiela egcuhsayo.
Ngiyakuzwa ntombi kanondaba, uma uthi lokho kungumthetho, kulisiko.  Kodwa kuslio ukuthini konke lokho kiniina

1	engazi itheku njengoba wena wazi lamagqunyana anqunu endawo?  Konke lokho kwemithetho namasiko kakuslio lutho kimina, kakuslio lutho neze.  Ngibuye ngeza lapha ekhaya ukuba ngizothatha lokho okufanele kubuyele ngakimi njengoba nami ngingokababa-angizizalanga, qha.  NPizela ukuba ngizolungisa Iezizinto niasinyane.  Emva k-,,valokho-ke ngiyobe sengihamba ngiziyela egoli.  Lapho-ke naini sengiyokuba ngumuntu, ngibonakale ngaziwe ukuthi ngikhona."
Ngama ngalalela indodana yami ikhulunia.  Aniakhaza ayengiququda nomhlo engangiwubona ngezikhala zezihonqo ezindhni wothiwa, akuzange kungilinge ukuba ngingene endlini ngiphuthelwe yilokho okwakuxoxwa.  Ngezwa umzimba wami 101

uhlasimula kwaba sengaffli izibiiini zami sezinohlavane Ngezwa uMaZondi ekhuluma kahle ngothando, ekhuluma ngendlela ayekhuluma ngayo nabangane bakhe abakhonzile kuphela, engakhulumi ngendlela leyo ayekhuluma ngayo kimina.

"Ngiyakuzwela inipela mntanami.  Kufanele sihlanganise amakhanda sibone ukuthi singenzeiljani.  Uze usize kodwa, lokho esiyovumelana ngakho, ungalokothi ukuhlebele uSibongile.  USibongile uyisithushana, unothandwana lukayise olungasile."

Ngama lapho njengesiduli kwakude ukuba nginyakaze, kwakude ukuba ngicwayize.  Lawo manvi engangiwezwa kwakungawomkami nendodana yami.  Umkami lowo engangimthathe ngimthanda naye ethi uyangithanda.  Ingane leyo esasiyikhulise naye sobabili, ngachithekelwa ngayo okwedlula zonke ezinye izingane zami.  Ngelikade ngathatha unyawo ngalubeka, ngathatha olunye ngalubeka, ngaye ngafika endlini yami.  Amadolo ami kwalcungathi ayaqhaqhazela, inhliziyo yami yayishaya kakhulu ithi du, du, du, du.  Ngezwa izinyembezi zehla ngezihlathi kangazesula.  Ngalala, kodwa abuflkanga ubuthongo.  Ngacabanga kodwa angiyitholanga insombululo.  Phakathi kwamabili ngezwe emehl,@veni kuthi lwelele, kanti sengiyajumcka.

Kusobala umqondo wami wasebenza ebusuku noma mina ngangijumekile.  Kwase kukhona into ecacile emqondweni wami.  Lowo engangimuzwe ekhuluma kwakungesiyona indodana yami noma izwi kambe kwalcungelendodana yami.  Kwase kusobala ukuthi umntanami wayengeyedwa.  Kwakufanele ngikucabange kudala lokho, k-usukela nje ngesikhathi ubasuse eqala ukuhlupha esengumfana-ukuba ngashaya inkomo ngaleso sikhathi kwathi inyanga ethembekile yachitha amathambo, yathaka imithi, umntanami wayeyobe esesindile ngaleso sikhathi.
Ngiyakubona nje uk-uziphatha kukankosikazi wami, nokukhuluma kwakhe kanjalo, yinto engase ngiyilindele ukuba angabi naluthando lwami olutheni.  Ngeminyaka emibadlwana eyedlule, uthando lwethu lwaluye njalo ngokuxega esikhundle102

ni sokuba luqine.  Sasiye njalo ngokuqhelelana esikhundleni sokuba sisondelane.  Iminyaka yokugcina kuthina kwabe kungasesiyo eyothando, eyamancoko neyokuhloniphana kepha kwabe sekungeyolaka nokungakhathalelani, kwabe sekungeyokuthetha nokubhinqa, kwabe sekungeyokwedelelana nokubukelana phansi.
Uma umkhiwane usuvuthiwe ziyakhiwa izithelo zidliwe; uma umthombo obumbiwa usuqhumile ayakbi-,va amanzi aphuzwe; uma izimpahla zendlu ebezifunakala sezitholakele zonke, iyakhiwa indlu kuhlalwe kuyo.  Kanjalo nalapho ithumba selivudiiwe liyakhanywa k-uphele ubuhlungu balo.  Uk-ulikhama kukhalisana izinyembezi.  Kodwa akukho ukwelapha okungebuhlungu.  Iva likhishwa ngelinye iva.
Ngaphuma endlini maqede ngaphindela masinyane ngayothatha okunye kokungivikela emakhazeni.  Konke k-,vase kulungile. lwisa lami, induku, nemvubu nemali. lzinkorro zazisaqubile, k-wakungakavuki muntu ekhaya ngoba kwakusanda kukhala izinkukhu zesibili.  Phandle k-wakunoinoya owawushuqisa igazi, indoda ihambe ngokushesha.  Kwakubonakala ulcuthi kwakuzokuthi kungasa okuzinganyana kuphume endlini ngoba kuthunyiwe kuphela, kuvevezela wonke umzimba kuhambe kungqangqazela namazinyo.
Mina ngangivuka sakweqa nje ngoba ngangibabele koXaba, kubanjwangentamo, owayaziwa kakhulu njengomuntu onezindlela ezibukhali zokubhula.  Wayesebenzisa aniathambo abuye asebenzise isibuko.  Kwakuzongithatha usuku lonke ukufinyelela emzini waklie.
Yimi loyana-ke ngithwabaza ngiwela imifula ngidabula izinkalo, ngigudla amahlatlii ngihamba nginqamulela ngenzela ukuba lithi lishona ngibe ngisondelela ezintabeni zakhona.
Inhlamvu yelanga yayingenamdndla, ibhekeka, isibhakabhaka sasinamafu aluhwezane amhlophe.  Utshani ezintabeni babumpofu bulele buwathalalele nganxanye, ngangibubona kahle lapho ngigudla il-dathi, intaba okuthiwa kukwantonga ngiyinika uhlangothi langakwesokudla.  Phansi nalentaba kwakungamadluladlulane otshani bukhukhumala bubohla okwamagagasi olwandle.  Umoya Iona owawubhebhetha utshani

103

kanjalo.  Emaphethelweni amanye amasimu kwakunolude uqunga.  Imizi eminingi yayibatshelelwe.  Abantu base bevukile kweminye imizi.  Kweminye kwakungakashunqi ntuthu, kweminye kusuke enkulu intuthu iphuma ngazo zonke izintuba emaxhibeni.  Wawungathi babase amalongwe noma amabunga.  Kweminye imizi njalo kwakubaswa imiceko ngisho ingakomi.
Ngihamba nje kangidlile.  Kwathi ntambama ngedlula komunye umuzi amadoda edla iahloko esibayeni.  Njengesiko, angilindelanga kubizwa futhi angilindelanga kuphiwa, ngavele ngathi nje: "Ayihashi madoda," ngangilithatha iqatha lokuqala.  Sase sehlisa ngamanzi amponjwana, angabe ngisalibala ngaqonda phambili.  Ngihamba nje ngiyacabanga, umqondo wami uyakha uyabhidliza.

Kwaze kwathi lapho sekuhwalale kwaqeda, ngakhonkothwa yizinja zakwaxaba.  Ukuba umuntu wayengahambi ema ebuza abantu impilo wayeyoshesha kunalokhuya.  Pho-ke thina sasingamedluli umuntu endleleni.  Wayemiswa, abingelelwe, abuzwe ukuthi uliqhamukisaphi futhi uliphikisephi, ungowakobani, abakuphi?
Ngathi sengisemabaleni ngakhuleka ngathi: "NoNkosil Nginikeza!  Nina enashwabadela inkomo nezimpondo zayo, sikhulekile!"

Kwaqale kwathula isikhashana kwathi nya.  Kwathi kusuka kwakuphuma enye intombazanyana eyayisahlosa amabele yabuza ukutlii ngangingowakobani.  Ngayitshela.  Yabuza ukuba ngangibabelephi.  Ngayitshela.  Yabe isingena endlini-ke.  Dukuduku yaphuma yase iza kimi isingitshela ukuba ngingene.

Kwakulinxuluma elikhulu umuzi kaxaba, kubonakala kahle ukuthi lomsebenzi wakhe sewaze wamnothisa.  Ngakhonjiswa indlu okwathiwa angingene kuyo.  Kwathi emva kwesikhashana ngalethelwa ukudla nokhanjana lokwehlisa.  Ngabona sekulungiselwa ukuba nginikwe amanzi nginqamleze, ngabona ukuthi nokukhathala kuzophela, kanti negazi larni lase liqalile ukuthi tsa, ngiyizwa yonke inkwantshu yokukhathala imunceka iphuma emathan' .Ieni ami ngenx a yaloludiywana olwaluhlezi phambi kwami.

104

Umlilo owawuphambi kwami wawusukhihlike amalahle, amalangabana amancane ayelokolokoza phakathi kwamalahle abomvu ayenezimfa ziwaklaye zawaklaya.  Kwakuthi uma kungena umuntu emnyango kusuke kancane amagciwane eziko, amanye aphelele omoyeni amanye aze azozinzela ezinyawem zami, zisale sezinamachashazana amhlophe.  Ngangihlezi esiceshini, izandla zami zisemadolweni, umlilo usuqala ukungidaka.  Ngaleso sikhathi ngacabanga ubungane bami, izintokozo nezinsizi zami, ukukhula kwami, ubudoda bami, kwathi lapho sengicabanga ngalokho engangikubabele kwaXaba, wangena uxaba, wabuya umqondo wami.








105

xv

Amehlo kaxaba ayehiaba, engabhekeki, kanti kwayena nje wayenesithunzi.  Wayenesidumbu, empofu ebusweni, entanyeni kwakulenga amabhodlelana nezimponjwana ezincane zezimbuzi kanye neinizwezwe yamaqhude.  Wangibingelela ngavuma, sase sixoxa sesize sifika odabeni lwami engangize ngalo.  Ngesikhathi ngimlandisa wayengibheke engithe njo.  Mina amehlo ami ngawagijimisa phezu kwekhanda lakhe, aye ahlaba ngemuva kwakhe, ezintung-iviiii lapho zaziqala khona ukugotshiswa.  Ahlala kuleyo ndawo lapho k-wakugcalugcaluza kliona amaphela, ehla enyu.ka onqenqeni lwezintingo, amanye ayekhanya eewebezela phezulu lal-)lio kwakulenga khona umule njengoboya bemvu.  Phezulu ensikeni kwakuqaqele amanye.  Kwezinye izindawo khona phezulu kwakuthtikuswe amabhodlelana ayesaba mayama, evele ngezjdunu, kugxunyekwe nabafana futhi kubonakala ukuthi ngabezulu.
Ngik-ubona konke lokhu nje ngilandisa axaba, naye uthule uthe du ulalele.  Ngikhuluma nje inina kwesinye isikhathi ingqondo yal-ii kayisekho lapho, sek-uyaziphumela nje.  Sase sixoxa ngaloludaba engimtshela Iona uxaba, wangibuza imibuzo ngayiphendula.  Sakhuluma futhi ngakho konke nje umuntu ayesekubona lapha emhlabeni.  Saxoxa ngokuguquka kwezikhathi nangentsha.  Saye safika nasethekwini ngengxoxo.  Saxoxa ngezinto eziningi esasizizwa zixoxwa kuthiwa zenziwa ngabelungu.  Wayesethi uxaba akulalwe, udaba lwami sesiyoluxoxa kahle luphethwe ngakusasa.  Angazi-ke noma wayekhathele yini, efuna ukuba asheshe alale, noma wabona mhlawumbe ukuthi lokho engangikuhlalele (isicathulwana leso) kwase kuyithathile ingxenye ethile yengqondo yami sekufanele ize ise nse ngakusasa, noma wayesafuna uk-ulumbanisa izinto zakhe kahle abone ukuthi wayezomisa kanjani.
Noma ngangilele endlini engangingayazi nangamacansi engangingawazi, ngalala kamnandi ngalobo busuku.  Ngangi106

khathele, kodwa ngasengidlile, ngaphuza, ngageza.  Inhliziyo yami yayinenxeba, kodwa uxaba wayesengiduduzile, wangenza ngathemba ukuthi wayezongisiza, ngabona ukuthi nokho kwakungekubi njengoba ngangicabanga.  Kodwa wawubuye ufike umeabango kimi wokuthi kangikho ekliaya, kangikho nje n,-,,enxa kabasuse nonina, kufike okuningi kimi, ngithi ngiyakha kubliidlike, ngakhe, ngakhe, ngakhe, kuthi lapho sekuphezulu, kudilike.  Ngithi ngiyaqalelela futhi ngijumeke, ngilale.
Ngak-usasa ekuseni ngathathwa ngasiwa endlini kaxaba.  Ngangena maqede kwahonqwa, kwaba luvindi kakhulu-ke lapha endlini.  Emva kwesikhathi kodwa amehlo ami ejwaycla, ngase ngiqala iikukubona lokho okwakuphakathi: Amagobongo, izikhumba, amabhodlela amafuthafutha nezinyamazane, izinyoka ezifile, amagobolondo, nokunye.  UXaba wayeqosheme ehlezi ebheke iziko, nami ngahlala esiceshini sabhekana.  Wakhipha ugwayi wabhema, wathimula kwakanye wathi: "Makhosi!"
Ngalolusuku-ke uxaba wayesegqoke waphelela, esehize ngezikhumba, ikhanda lakhe selimhlophe yibuhlalu.  Entanyeni kwakunomgexo wamathanjana amancane nezimpondo zezimbuzi.  EI,,handa nasesifubeni kwakulenga izinyongo.  Wayegqoke umutsha kulenga imisila yezinkawu.  Esandleni sakhe sobunxele kwakuneshoba lenkonkoni.
Sesibingelelene, wangibuza ukuthi ngangilale kahle yini.  UXaba wayesengibuza ngecala lesangoma umphungandlu.  Lelicala Ialithethwa yinkosi yesigodi sakithi.  UMphungandlu wabe ebekwe icala lokunuka umuntu maqede abese ekhendlela lowo owayezobhula ukuba ayobulala lowo owayenukiwe.  Nangalolo lusuku ngangixoxa am ehlo kaxaba ngingawabhekile, ngiweqise ngaphezu kwekhanda lelo lakhe elalembozwe ubuhlalu izinwele zibonakala ngosizi.  Ngalolo lusuku-ke amehlo kaxaba ayengokunye kunalokho ayeyikhona ngayizolo.  Kwak-uthi uma ngethuke ngithi ngizimisa isibindi sengidinwa ukuthi ngibheka sakushampushampuza, sakuqhobozela, ngiwahlabe kwawakhe nami kodwa kuthi emva kwesikhathi awami ahlengezele izinyembezi.  Kuthi lapho sengifuna 107

ukuwasusa kwawakhe kwale manje kube sengathi ukhona uzibuthe ongibambile.  Kuyenza umuntu ethi uyahamba endleleni anqwamane nexoxo ligxumeke amchlo alo linganyakazi lijamele inhlangwane-lisuke seliphelile uvalo, kodwa kungasavumi futhi ukuba ligxume lihambe.
Ababeza kuxaba bezofuna usizo babembuka kanjalo.  Amehlo akhe ngawabona kahle ngalolo lusuku eseke ahlanga ,na nawami.  Umuntu wayengawafanisa namalahle amabili amnyama, ngaphandle esethanda ukulala ungwengwezi lwamagciwane asuka phansi aye phezulu abuye ehle azozinzela lapho esuke khona, okuphakathi lawo lisalokolokoza umlilo.  Umlilo owawulokoza emehlweni akhe wawehlukile emlilweni wempela.  Amehlo ayemnyama kodwa imililo ibomvu.  Kodwa wona lawo mehlo amnyama ayebukeka sengathi ayavutha.
Ngaqeda ukulanda ngathula.  UXaba wahlala waba kuleso simo akaze athi nyaka.  Ngacabanga ukuthi mhlawumbe umqondo wakhe wawusuhambile, ususemadlozini, ngoba kwase kungathi ungibuka nje akasangiboni.  A-kubanga bikho okwakubonakalisa ukuthi uyangibona nokukhombisa ukuthi lento ebengiyisho uyizwe yonke, ucabangani ngayo.  Kwathula kwathi nya.
Ngaze ngaphinda ngakhuluma futhi, ngazibika ukuthi noma ngangingemnumzane onothile, ngangizokwazi ukuba ngimkhokhele zonke izimfanelo, kusukela ogxeni.  Ngamtshela ukuthi noma ngangiyimpofana, ngangazi ukutlii Azinswelo ziyini, nalokho umuntu okwakufancle akufeze.
"Kulungile wena kagumede," kusho uxaba kusengatm nomqondo uyabuya.  Waqjiuba futhi wathi: "Ngiyakubona ukuthi ungumuntu on-ampompi umoya, ubonakala uligcina ilizwi lakho.  Njengoba usushilo, uzoqala ngalo ugxa, ngokuba sengihlalile ngalulalela udaba lmakho, sengizovula izikhwama zami ngeneke imithi yami, ngizozikhohlwa zonke ezinye izindaba okufanele ngibhekane nazo, ngibhekane nalena.  Ngizokutshela ukuthi abakini asebafa bathini, ngizokwenzela imizamo yokuba lokho abakushoyo kliphumelele.
Kufanele ukuba uyazi ukuthi ngilugedla olukliulu, ngaziwa eduze nakude, k-uye kufinyelele kwamhlab' uyalingana, 108

lapho sisebenza khona ngemikhovu; amandla ami makhulu, abakithi bakhuluma nami njalo, umuthi angiwusebenzisi ngingatshelwanga yibona.  Ukuba bengingadumile ngabe kwawena kawungazi; noma ubungazi ngiyinyanga efana nazo zonke nje ezinye, ezithi zinemithi kanti seyaphupha yonke, ngabe kawuzanga kimi.  Njengomuntu omkhulu, okufanele ahloniphe abonge namadlozi awenzele okuthile njalo, angisebenzi ngankukhu, angisebenzi ngambuzi.  Mina nginikwa izinkomo ezinhle, ayi in-iigcanselana nje engabhabhalala noma nini.  Kuwena ngizofuna izinkomo ezintathu, ezintathu, yebo ezintathu. lzinkomo, hayi amankonyane.  Siyavumelana ngalokho na?
"Wo, kuzosinda empofaneni.  Yebo zicishe zilingane nezinkomo engelekelela ngazo enye indodana yami ilobola.  Yayilobola igqumshela lentokazi.  Kodwa-ke nalezi zinhlupheko zami zinkulu ziqumbile, ezinye sezibhobokile.  Yebo, baba, ngiyokwenza lokho njengokufisa kwakho." Kusho mina ngiphendula uxaba.
"Uze kimi ngoba ulethwa udaba olusemzini wakhololudaba luphathelene nentombazane.
"Yebo khona-kodwa-ke hayi ngempela ngempela."
"Angisho phela nami intombazane esenamabele acijile.  Ngikhuluma ngomfazi, ngikhuluma ngentombi eyinkosikazi yakho."
"Kuphathelene naye, nje kodwa
"Njengoba ngisho, kuphathelene nengane yalomfazi, Kungenxa yakhe ukuthi lengane kayikhuliswanga ngendlela efanele ezoyenza ukuba ihloniphe ilalele."
"Yebo, umfana wami wayeyokuba indoda ukuba uMaZondi akabanga liphela endlebeni vami."
"Kufana nokutlii waletha isipl;unzi sokubaswa esasigcwele amashongololo mhla umntanakho ezalwayo.  Usekhulile, ungena ebunsizweni obuphelele, kodwa manje useyakweyisa ngoba usumdala.  Usekweyisa ngoba esebone okuningi wena ongakaze ukuphuphe.  Kuhamba kanjalo-ke kulezi zikhathi zanamuhla."
"Yebo, kunjengoba usho, kodwa futhi sekuthanda ukuba
109

kubi ngokuphindwe kabili ngoba manje indodana yami nonina sebefuna ukungibulala."
"Kasikho isidingo sokuba ungitshele engikwaziyo.  Phendula wena bese uthula ulalela.  Unamanye amadodana asaphuma emzini wakho ayokwakha eyawo imizi engxenye.  Asekhulile lamadodana.  Wena usukukhombisile ukuthi uzoqhuba ngokwesiko lethu, ifa lakho lizodliwa ngabadala, basendlunkulu.  Indodana yalonkosikazi omncane kayenclisiwe neze.  Wena usuzibambele wazizwela ukuthi manje sebecothele ukuba usheshe uye kwagoqanyawo.  Uzethembisa ukutlli hleze angaba nok-wazi ukweba ingxenyana ethile yefa wena olimisele ukuba libe ngelabafowabo.
Wenze ubuhlakani nobudoda ukuba uze lapha kimi mayelana naloludaba.
Kusobala-ke ukuthi urnfana Iona bamloyile.  Wena isidalo sakho ukuba uphile isikhathi eside erahlabeni.  Kodwa ukuba kawuzanga kimi ubungasoze wakwazi ukuqhubeka udle amabele isikhathi eside.  Maningi amalumbo nemibhulelo neziphonso esizobhekana nazo.
Ngithi umfana ubesebenza ethekwini ehlala eclaremont."
"Yebo, ushaya khona impela emhloleni, engabe nliloboni yendawo yona Claremont leyo, sengathi ingaqalekiseka kuze kube sekupheleni.  Ngizizwa ngimneane uma ngihlezi nomuntu okwazi ukufunda izinhlupheko zami emoyeni mina ngingazange ngimtshele lutho."
"Ake sibone-ke manje ukuthi labo asebasishiya emhlabeni bathini bona."
Wasukuma uxaba kwathi qhekleqheke amadolo waya emsamo waphakamisa iziqeshana zezikhunjana wayesekhipha isikhwanyana sesikhumba.  Wathi angasithatha nje lesi sikhwama esasithungwe ngozi, wayeseqala ukukhuluma namathambo akhe ewabiza ngamanye ngamanye ewabonga.  Wabuya waya endaweni yakhe ayehlezi kuyo wayesevula isikhwama sakhe esewachitha phansi amathambo.  Wawaqoqa futhi ewashukushukumisa okomuntu ophethe amalahle avuthayo.  Wabuye wawachitha khona phansi futhi.  Wakwenza lokhu ekuphindaphinda evungama yedwa, ebongela, encenga.

110

Kwathi emya kwesikhathi-ke wayesengilandisa ukuthi amathambo abethini.
"Kukhona insizwa ethekwini engumngane womfana wakho.  Sebephuma ezindaweni eziningi nomfana wakho.  Kokuningi akade bekwenza umfana wakho ubehlabana amedlule lomfana.  Manje-ke lomfana usengenwe umona wona uthubeleza uklaye inhliziyo yomuntu ibe midwayidwa.  Kuthi njalo lapho ebona lomfana wakho ethandwa ngamantombazane amahle, amanye ake amehlula ewafuna umngane wakhe Iona; kodwa umfana wakho ayewashela yena engazi ukuthi nomngane wakhe wake wawafuna, lemidwayidwa esenhliziyweni yomngane womfana wakho ishoshozele.  Okunye akuzondelayo yimali acabanga ukuthi umfana wakho unayo.  Kubuye kube sengathi futhi okunamandla kakhulu akuzondelayo yimali, akusiyo intombazane.  Umngane womfana wakho useke waboshelwa ukungalitheleli ikhanda, wathi noma etsheleka kumfana wakho, umfana wakho walandula.  Kwathi lapho lomfana esephuma ejele baxabana njalo nomfana wakho.

Lomfana ngumsuthu.  AbeSuthu laba baphatha imithi eminingi enamandla.  Ehe, lomsuthu usebenzise lemithi yakhe, wamfakela otshwaleni.  Kuthe emva kwalokho akwabe kusabakhona lutho lomfana wakho alwenzayo oluphumelelayo.  Eqinisweni nasemsebenzini akubange kusammela kahle.  Sekukaningi exabana nabelungu.  Akasenayo nemali.  Sekuthe ukuba lemithi afakwe yona lomfana iqale ukusebenza, wacabanga ukubuyela ekhaya, azozama ukuthola imali kuwena.  Engqondweni yakhe wena kawasafanele ukuba uqhubeke udle uqede ifa lakho.  Kuhamba kuhambe-ke kanjalo bese umqondo wakhe ungenelwa yiniicabango yokuba akubulale.  Unethemba lokuthi uma ekubulala uyothola masin ane lokho angahle aku- y

thole ngaphambi kokuba abafowabo abadala babuye.
Nakhu okunye osekucishe kwathi hilikiqi ngakukhohINva, lomfana wakho ufundile; ngakho unobuqili obuningi.  Sengathi useyithengile futhi nengqondo kanina.  Yebo, unina uvumelana naye.
Zimi kanjalo-ke izinto wena kagumede.  Wenze kahle kakhulu ukuba uze kimina.  Unenhlanhla futhi, abakini kaba-

kufulathele, sebeze bakhomba namakhambi angasetshenziswa uma izinto zimi kanje.  Impela amadlozi akini ayakuthanda, nginazo zonke izithako zokukusiza."
Ngakhuleka kwakanye, ngagcina ngelokuthi "kawubongwa".
Akachithanga sikhathi-ke uxaba, wasukuma wathatha insingo yakhe wangikhwelela esengigcaba wonke amalungu omzimba.  Ungigcaba maqedane achathaze ophondweni lwakhe oluphakathi kwezinye ezimbili ezazilenga entanyeni duze negcemeshe, aligihlikihle, acindezele kakhulu.  Kushoshozele kodwa ngiziqinise.  Wayesengitshopa-ke ekhanda futhi, entanyeni nasezinyaweni.  Wabuye wangisikela flithi igeqelana lomuthi owawubaba kabi wathi angiwuhlafune ngiwugwinye.
"Manje-ke, uma leyo mitlii ingak-wazi ukuba ike ihlale ithubeleze emzimbeni waklio wonke, ungaqali uvele ngasekhaya, ungathi mhla uyayo ekhaya ube usugomekile, ungasangenengenelwa nje ngamakhubalo namal-umbo.
Kodwa-ke, bheka lapha. lokho kuphela akwanele.  Lomfana wakho angahle aphenduke umdlwempe, alwe abe yisishingishane, nawe ube sengozini.  Ngakho kufanele ngikunike imishana ukuba ubafakele, bayidle, ukuze izinhloso zabo ezimbi zidambe.  Lokho kungasiza kakhulu, kwenze umfana wakho nanayo inkosikazi yakho kuthi lapho becabanga ukwenza ububi kuwena bezwe imizimba yabo ishona phansi noma iba nenkwantshu.
Lomuthi-ke ufuna ukusetshenziswa negazi.  Kufanele uzame ukuba lomuthi uwufake ekudleni okuzodliwa yindodana yakho nonina.  Uma mhlawumbe kuthi emva kokuba sebewudlile, beba buthakathakana begulagula, ungakhathazeki.  Lokho kuyokuba yisibonakaliso esihle esikhombisa ukungena nokusebenza kwawo umuthi.
Lomunye umuthi-ke uwugaye uze ube yirrjpuphu ecolisakile bese uwuvuvuzela lapho umfana wakho nonina benyathela khona.  Lokho akunakwenza ngozi yalutho futhi, musa ukwesaba, kwasengathi uhlahla amehlo nje?  Kuyokube awubabhuleli, qha.  Lokhu phela usakwenzela khona ukuziqinisa

112

va	wena, nokululaza imizamo yabo abayenzayo engahle ikulimaze
a,	wena uma kungabhekiwe.

Khumbula nakhu okunye, ukuba uze ufike lapha ulethwe
j-	lithemba lokuthi mina nginokukusiza.  Ungalokothi-ke ulahle

lelo themba.  Ngaphandle kwalokho, nemithi yami imbala,
	inamandla idume kangaka nje, ingaphenduka imfibinga, ize

	Ieze.

	Konke lokhu esengikutshele khona, ngakwenza kuwena,
	akusizona izinto zokuqekethwa emoyeni ngoba lokho kungenza ingozi.

Manje ulukhiphile ugxa, wathembisa ukukhipha nenkomo yokuqala, kuyothi-ke ukwethwasa kwalenyanga ezayo, ukliiphe Iezo ezisele ezimbili.
Hamba-ke, wenze njengoba ngikutshelile, ngiyethemba uzwisise kaille, ungashiyi nokukodwa, futhi ungengezi nangocofi.  Uma wenze okukodwa kwalokhu ongafanele ukwenze, kuyobe usuwone wonke umuthi.  Ngisasala khona lapha endlini ngisakhuluma nezinyanya.  Uhambe kahle."
Ngaxhawula kuxaba, wangibheka naalawo mchlo akhe ngabheka phansi.  Wasidedela isandla sami, wagcizelela ukuba ngingesabi.  Ngagaqa ngamadolo ngaye ngaphumela phandle.
Kwakusemini endala amehlo ami ethuka esebona ukukhanya okukhulu.  Izintaba zaziluhlaza ziviliviliza; ezikude wawungatlii zihlala kunye nesibhakabhaka.  Lapha ekhaya kwakuphithizelwa kwenyukwa kwehliwa.  Ngezwa kuthiwa kulungiselelwa umlilahlo owawuzobakhona ngomhlomunye.
Emva kokuba sengiqoqaqoqe izinipahlana zami, ngavalelisa nakwababe phandle, ngahainba.  Kwaphuma izintombi ezimbili zangiphelekezela, zihamba zitekula zodwa zithi: "Mhlawumbe ubaba Iona nje unamadodana amahle.  Umuntu akazi lapho eyophelela kliona." Enye bese ithi: "Sengibona-ke sengiyophelela ngasecwaka!" Enye ithi: "Bheka-ke konocomboshe!"
Zazihamba zincokola kamnandi Iezongane.  Ngafisa ukuba umuntu ngabe uke wahlala nazo, kengiwele abantabami ngoba mina qha, ngase ngadela, ngingasafisi lutho sengagajwa yizinhlupheko kuphela.  Pho-ke kwakufancle ngisheshe ngihambe 113

emva kokuqeda lokho engangize ngakho, ngoba nempela umuntu akahlali emzini wenyanga esekuqedile abekuzele.  Akukhathalekile noma inyanga leyo ibinomusa ongakanani kuyena.  Akuvunyelwe nje ukuba umuntu alibale emzini wenyanga kungasadingekile.  Uma ekhaya kukude uhamba ephumulela endleleid.  'Uma kuyimithi efuna ukuba umuntu akalibale isahamba negazi engakafiki ekhaya, ukhuleka emizini yabantu isikhathi asichithe khona, hayi emzini wenyanga.  Eqinisweni umuntu uhamba n-isho sekuntambama, noma angahlwelwa endleleni lapho k-ungekho khona muzi aiigakhuleka kuwo.
Sehlukana namantonibazane lawo, unqiki nobakliulumeleni, amadodakazi enye yezindlu ezincane zikaxaba.  Ngaqhubeka nendlela yami, ilanga lichocha.  Ngahamba ngaqinisa ngiqonde ukuba qambe liyangishonela sengiwuwelile umfiila ababethi ifabeni.  UThukela Iona ngangiqonde ukuluwela ngasemgwaqeni oya enhla kodundee, ngizobe sengikwazi ukuqombola intaba ngedlule lapho sekusekamu lamaphoyisa manje, ngidundubalele phezulu.  Kwezinye izindlela, noma zona zazivamisile ukuhamba abantu, umuntu wayetbuka esenyathele iva lomsasane lingene lithi tshu kube sengathi kuye kwafinyelela enhliziyweni.
Ngakhumbula izinsuku lapho uniuntu eseyinsizwa, esathi lapho ehlatshwa iliva avele ahlikihlele leyondawo emhlabathini, liyoze liziphumele iliva lelo mhla selithanda.
Ngahamba njalo, ezinye izintaba ngizishiya emuva, ezinye zingibheke ngaphambili, ezinye zingizungeze emaceleni.  Kulezo ezazisemaceleni, esijixeleni, ngabona phakathi nazo uhele lwamadwalakazi amhlophe enze umqhele.  Ngokuhamba kwesikhathi ilanga elalikade lishaya kulamatshe lasithwa izintaba, ngabona umqhele lowo usuqala ukunganywa ngamathunzi-lase liphikelele ukushona lonke eziweni ezazingasentshonalanga.
Kwaqala ukuhwalala ngisendleleni, kwaqala ukuba mnyama, ngaqhubeka nendlela yami.  Ngalesi sikhathi ngase ngikhathele kakhulu. lzinyawo zase zivuvukele, imisipha isiqinile ingasavumi.  Ngaqinisela ngaqhubeka ngincengancenga.  Kwase kuyisikhathi eside ngagcina ukuhamba indlela ende kangako.

114

ipela	Ngafikelwa ukoma endleleni, ngalamba ngakhathala,
tzele	kanti sengiseduze komuzi; ngabona ulcuthi akusizi lutho,
@nam	ngakhuleka:
nya-	"O 1 nina benkosi.  Isisu somhambi kasingakanani,
tnllu-	singangengila yenyoni.  Nibakhulu ekhaya!" Ngangeniswa
bale
intu	endlini.  Lapha kwakukwangubane.  KwatIii sebengazile ukuthi
veni	ngangizalwa ngubani, wakobani, kabani, ngaphiwa ukudla
lwa	notshwala.  Kanti-ke kuhlatshiwe lapha ekhaya, umnumzane womula indodakazi yakhe yamazibulo.  Ngoselwa inyama
ne-	ngezwa kuthi damu ekhanda nasesiswirti.  Ngasale sengilala
iu-	lapho, senginikezwe amanzi okuthoba izinyawo.  Ngavuka
isa	lapho kusakliale ezesibili, ngayibamba ebheke ekliaya.

ila	Kwakupholile ekuseni, kuhambeka kahle, umuntu ehla-

ngana nabafana bekhipha izinkomo inhlazane.  Ezinye izinko-
la
Lzi	mo ezase zingaphandle zelukile umuntu wayekhohlwa ukuthi
sa	wona amakhanda zazi,,vagebisele ukwenzani ngoba lapho
la	ngangedlula khona kwakungekho tshani, kungamatshe odwa.
a-	Umhlabathi wawuzihlalele nje unqunu, uququbelwe ngaiiiatshe kuphela.  Kwathi lapho ngiqhamukela edundwananeni, ukuba ngedlule entonga, ngayibona impompolwane iyisithunzi esikhulu esimnyama, ngemuva kubonakala ilenge lingathi liyigonile.
Zonke izinto zinesiphelo, esibi noma esihle.  Ezinye ziphelela omoyeni, ezinye ziphela zizinzile.  Ezinye ziphelela endleleni ezinye ziphelela emakhaya.  Ekugcineni nami ngaze ngafika ekhaya.  Ngiyethemba okwangenza ukuba ngifike ekhaya kwaba lithemba.  Lithe-.nba lelo elenza ukuba ngiqhubeke njalo ngihambe ngisho ngase ngifikelwe ukukhathala ok-wakwedlulele okwangiyizolo.  Ngangethembe ukuthi ngangiyoze ngifinyelele ekhaya.  Ngangetliembe ukuthi lapho sengifikile ekhaya ngiyokwazi ukukwenza kuphumelele lokho

engangikutshelwe inyanga.
Indodana yami yayisingumdlwempe, ingasayilandeli imikhuba yoyisemkhulu, ingasawenzi amasiko esizwe.  Kodwa ngoba yayisencane, yayingakalahleki du du du.  Manje-ke njengoba ngase ngikwenzile lokho okwakufanele ukuba ngangikwenze kudala, ngezwa kwehla isibindi, ngabona ukuthi 115

konke kwakuzolunga-izinhlupheko zami zaziyogcina ziphelile-ngangiyogcina ngingumnumzane nami njengabanye, ngiziqhenya ngendodana yami.

Sengiflikile-ke ekhaya ngapholisa amaseko ngathula ngacabanga ukuthi iyiphi inkabi engangizoyihlaba.  Umqondo wami wagxila kweyodwa, eyayinkone inamapeketwane ezim op

ndo.  Ngazimisela ukuba ngiyihlabe ngokwesiko. lzitho ezithize ezibekelwa abantu abadala nabangasekho uma kuhlatshiwe ngangizozibeka nganxanye njengoba ngangivamise ukwenza.  Kwakungabangasekho ababezongisiza ekwenzeni loklio ababethe angikwenze.

Kwakungezukuba lukhuni ukufaka umuthi ekudleni.  Ngangizowufaka engazini nal@wezinye izitho zangaphakathi, kakliulukazi Iezo ezazizocobelwa ebubendeni lapho sebenziwa Ngalala ngokuthula, ngalala ngokuphumula, ngisemzini wami, ngilele emacansini ami.  Kwathi phakathi kwamabili ngezwa kuhusha umoya uhlabelelisa amaqabunga, kwaba sengatw kukhona namakhazana angenayo endlini, ngadonsa izingubo, ngazisonga, ngavala nasezinyaweni.  Ngatliula, kulokho kuhlabelela kwezihlahla pliandle, nokuthokomala engase ngikuzwa endlini, ngezwa futhi ubuthongo buthi le, le, lele, lele emehlweni; kanti sengiyajumeka.  Kulobo buthongo ngabona ubaba ongizalayo emi phambi kwami, engafuni amehlo akhe ahlangane nawami.  Ngathula isikhathi eside ngambuka ubaba, inhliziyo yami yaba buhlungu ngimbona engincisha amehlo.  Ngambingelela wathula.  Kwaba sengathi kukhona okungibamba kungincisha umoya, ngethuka ngakhala.  Kwathi lapho ngiphaphama ngezwa izinkukhu sezihamba ebaleni.  Emfantwini wesivalo kwase kuvele ukukhanya.  Umoya wawusuthule.  Kwase kusile.







116

	xvi

Kwathi ekuseni ngakusasa-ke, ngacela ubasuse ukuba angigwazele inkabi ukwatibeli.  Wakwenza loklio.  Kodwa akakwenzanga ngomthetho wakhona.  Lokhu ulewehluleka kwakhe-ke k-wakumfanele.  Yini enye umuntu ayengayilindela kumuntu owayesazi imimese, hayi imikhonto.  Yaze yawa-ke inkabi, yaginqika yaphela.
Ngatshela usibongile nabanye abafana ukuba baqaphele bayikhongozele kahle ingazi, ingachitheki nakancane, ukuze kuphekwe ububende obuhle.
Izingane nonina zazigeza okwangaphakathi, unina elungisa nainanzana ami engangithe kabangenzele wona.  Ngangingedwa-ke ngipheka ububende.  Kwathi lapho amacobelo eselungile ngawabholokoqela engazini ngaphendula ngothi engilukhe esihlahleni.  Ngaleso sikhathi ngingedwa ngathola ithuba lokuba ngivuvuzele lowo niutlii ebhodweni.  Ngaqalaza angabona muntu, ngakhwathaza ngalithola iphepha lelo elinsundu lisasongwe njengoba lanikezwa mina.  Ngalithukulula, ngaqalaza futhi.  Kwathi kanti akuqhaniuki muntu, futhi angizwa zigi, ngadlula angadela ngaye ngalunguza emnyango.  Kwakungekho muntu owayeza ngasendlini yami, noma owayesondele ngak-uyo.  Buqajnu kwakuhlezi izingane, zihize amabhayana, ezinye zizishayela nje, zingagqoke lutho, zizungeze umlilo zibukela kosiwa umtsliaza.  Ngagaqa ngaphindela emuva masinyane ngasivula isidikiselo ngavuvuzela ngavala ngok-uphazima k-weso.  Ngezwa isandla sami sengathi siyadikizela, nenhliziyo yami sengathi ishaya ngokushesha, ngatliula ngabukela umusi uphuma ebhodweni.
Ngelanga lok-uqala wonke umuntu wadla wasutha wathokoza, konke kwahamba kahle.  Kwafika omakhelwane nabangani bami abaningi, kwahlalwa kusadliwa bvaphuzwa.  Bonke babehalalisa ngokuba umfana ahambe aze abuye ek-ugcineni.

117

Inye kambe into eyayingiphatha kabi ngalolo lusuku, kwaba ukuphuza kakhulu kukabasuse waze waba uyabhuyabhu nje olwase luyimpoxo.  Akekho umnumzane owayengaziqhenya ngomuntu owayesenjalo athi uyindodana yakhe.  Kodwa kwathi noma kungiphatha kabi lokhu ngethemba ukuthi kwakungasensuku zatshwala kuphele konke, ubasuse aphindele esimweni esifanele.
Umuthi wase uhlezi ek-udleni.  Akekho owayezokadla lokho kudla ngaleso sikhathi Ace kuphole.
Kwathi kuhlwa ngalobo busuk-u ngase ngizwa ukuthi sengimnandi.  Ngalala ngathi zwi ngaze ngaphaphama ekuseni.  Ngalelo langa kwakuqeqebuka umlalamvubu wenyuka njalo ulandela umfula okuthiwa icwaka.  IMpompolwane yayivaleke yonke yathi ngci yizinkungu okwatlii ngisho seliqala liphenya kwezinye izindawo yabe ilokhu ivalekile yona.  Ngokuphashaka kwenhlamvu yelanga waqala ukuqhamuka umblaba uqhakaze ok-ubomvu, ubonakala ngokugqama ezinhlotshananeni eziningana zezihlahla ezifana necibo, nemisasane kanye nezanqawe. Ngama ngayibuka ink-ungu yenguleka ishiya izihlahla zizimele zodwa ktibukeka sengathi yima zikwazi nokuphefumula-ke ngaleso sikhathi.  Ngacabanga ukuthi ngemizuzwana engemingaki umntanami wayezofana nalowo mhlaba owawusele uqhakazile emva kokuba sekwenguleke izinlcungu.  Konke okwakukhuntubalise ingqondo yakhe kwamenza wahlamuka amasiko akubo, wabukela phansi abantu bakubo, wazama isilungwana ahamba naso akaze afinyelela ndawo, waba ngumdlwempe, waba yisigebengu, wafisa nokubulala mina uqobo.  Konke lokho kwakuzophela, yayizo'sala insizwa yami imsulwa, iyilokho engangitlbi iyokuba yikho isakhula.
Ngelanga elilandelayo kwafika futhi abangani nomakhelwane bazolunguza ukuthi sasivuka njani.  Kanti-ke futhi kuyinto ejwayelekile ukuba izivakashi zingapheli ekhaya nje uma kusekhona inyama noktiphuzwayo.  Kwabuswa futhi nangakusasa.  Kwakuthi lapho kuxoxwa ngezindala, kuphathwa nezezimpi, ingqondo yami ihambe ihambe ize ibuye izogxila futhi kuleyo nkinga engangibhekene nayo ngaleso sikhathi, inkinga kabasuse.  Ngathi puluk-utshu ngaphuma endlini

118

@uku,	ibongile.  Wa

cyayihlezi amadoda ngase ngimemeza uS                                fika
1uya-	eduze maqede ngamtshela ukaba abugcine kahle ububende futhi kungabi bikho muntu obuthintayo.  Uk-usho kwami ka-
,nga-
@khe.	njena kusibongile akuzange kumxwayise yena nonina nanoma

uicu-	ubani omunye womndeni owayezwa ngoba kwakwaziwa uku-

isuse	thi umthetho wami ngiyazithandela ububende, futhi ngangingafuni buthintwe ngomunye mina ngingakabutliinti.  Ngangi-

udla	khetha ukuba ngizikhohse mina kuqala abanye bathole imisalela-ke.

uthi	Kwathi emini ngakusasa ngabiza usibongile ngase ngi-

;eni.	mtshela ukuba angilethele ububende bami.  USibongile wabu-

jalo	letha kahle ebufake emeengezini, ngathi akabubeke endlini
[eke	yami.

,nya	Sasesihlezi sobabili nobasuse, insizwa yami.  Uma izinyo
aka	usucabange ukuba ulikhiphe liya)ie litliule ungabe usabuzwa
,aze	ubuhlungu, kanti ebusuk-u futhi lizoqandula ungabuthi mbibi
ezi-	ubuthongo.  Ngesikhathi ehlezi nami ubasuse kwaba sengathi
[qa-	ulizinyo ebelingiqandulela ebusulcu, sengenza amalungiselelo
@hla	okuba ngibuqede lobo buhlungu.  Sasixoxa nendodana yami,
Ifu-	ungeke kodwa usho ukuthi besithini, ngoba sasithinta lapha,
ana	siyeke, sithinte kwenye indawo siyeke; njengoba kuyaye
vu-	k-wenzeke kubantu ababili abahlezi ndawonye kukhona kodwa
ike	abakuflhlile abangakuthirti.
@ka	Ngalesi sikhathi ubasuse wayesephuphuzela uboya ebu-
ma	sweni namashiya engamagqinsukazi airinyama, enesigubu
Lba	esihle futhi umuntu lo.  Ngambuka ngezwa ngimthanda ngo-
ina	thando lolo engangimthanda ngalo eseyingane.  Kodwa-ke
rai	kwakukhona isibi leso esisodwa esasifuna ukususwa, esasiphoxa sidumaza-indlela ubasuse ayeseziphethe ngayo.  Kwa-
ic-	kungekho uk-wenza ngolcunye uma ngangifuna ukumthanda
thi	njalo ngothando lolo engangimthanda ngalo esemncane ngaphandle kokuba ngenze lokho uxaba ayengeluleke uk-uba ngi-
111	k-wenze.  Kwaba khona ukudabuka olcuncane lapho ngimbuka
,a-	ubasuse, ngezwa ngishaywa uvalo futhi, kangaze ngazi ukuthi
D-	konke lokhu kuvelaphi.  Emva kwesikhathi ngabona ulcuthi konke lokhu lcwenziwa ukudabuka ukubona ithemba lami, isithombo engangithi siyokhula sibe yisihlahla esikhulu esi-

119

lenga amagatsha, esisikizela amacembe, sembathise ibala elikhulu ngethunzi, sesibuna kungakabiphi; sesiphela sivela.  Umntanami wayeselahlekelwe yikho konke, wayesenokwenza noma yini engalungile-wayesefuna ukugcina ngegazi lami.  Wayesesophe ulcungibulala.  Kwakufanele ngimelaphe, lokhu ngikwenze ukuze ngizisindise, naye ngimsindise, nabanye abantu ngibasindise, kuyena.  Umuthi wokwelapha ngase nginawo.  Okwasekusilele ukuba ungene ngaphakathi kumfana wami.
Izithunzi zaseziqalile futhi ulcuvela ngaphansi kwabaninizo, ilanga laselithe nje kancaiie uk-uthi gudlu okhakhayini, selimele nxanye.  Abantu babehla benyuka ekhaya njengoba kwakuvamisile ngaleso sikhathi sosuku.  Emasimini izinkabi zazisayekisiwe njengoba zazilokhu ziqale ekuseni ukulima, zase zizophindiselwa khona futhi ntambama.  Emabaleni kwak-ugeakagca izikhukhukazi zikhuluphele zibitoza.  Emaxhibeni ngasemnyango k-wakuhlezi izalukazi zeluka amacansi.  UMaZondi wayebuqamama nathi ezithungethungela okwakudabukile.  Saqala ukudla nendodana yami.  Ububende ngempela ngabuyeka ngakhetha amacobelo kuphela, ngase ngiba umuntu ophendukelwe isisu ngalolo lusuku.
UBasuse wadla impela, exoxa kakhulu futhi, ukudla ekunambithisisa kubonakala ukuthi kumnandi, ukwenamele.  Nami ngambaza imibuzo eminingi, kakhulukazi ngazo ezasemadolobheni lapho ayekade ekhona.  Wangitshela okuningi, nangokuganga kwabo emadolobheni ayekubiza ngokuthi ukuhlakanipha yena.  Esaxoxa kanjalo, ejatshuliswa nayikungibona ngimesasele, ngaqala ulcubona ukuthi umuthi kaxaba wawusebenza.
Kwathi dukuduku ngambona ubasuse kusengathi ikhona into emmangalisayo.  Kwaba sengathi kukhona okwenzakalayo kuyena angakaze akuzwe egazini lakhe.  Emva kwesikhathi waqala ukumfoma esiphongweni, wadla kancane, nokudla wakuhlafuna isikhathi eside manje.  Wayesejuluka.  Zageleza izithukuthuku zaconsela phansi.  Wayeselokhu ehline njalo.  Ngambona ukuthi usethanda nayikuphelelwa ngamandla.  Kwasobala manje ukuthi ubasuse usezinhlungwini.  Wasondela 120

t

s@ U
a@
I<
k@.
al


ey
zu ;

mi be ng ng un kh

mi@ kui kel k-w4 owl nga lan( nsi, yab

E

nonina sasesimtatamisa naye siyomfaka clawini lakhe ubasuse.
7ela. 	Ubuhlungu manje base bumphethe kakhidu, kwesinye isikha-
Inza	thi kube sengathi zonke izinyaiiia zakhe ziyaqina ziba ilitshe,
Lmi.	ngoba wayevela aqine athi nko angathi nyaka; imiwathi lena
khu	ihlangane ithi ne, apheqe amehlo abe mhlophe.
nye	Lokhu akuzange kungiphathe kabi noma kungethuse
;ase	neze.  UBasuse nganghnzale cligugu lami engangithi ngiyozi-
ina	qhayisa ngalo.  Ngamzala nginethemba elikhulu lokumbona eyindoda, kepha konke kwakuphelele emoyeni.  Leli kwakuli-
ni-	thuba lokuhlumelelisa ithemba lami; umuthi kaxaba wawusu-
ni,	sebenza, ubasuse wayezoguquka abe yilokho engangithi
ba	uzok-uba ikhona.  Engangikubona kubasuse ngalowo mzuzu
@bi	akuzange kungimangalise, kungethuse nonia ktingesabise.
ta,	Kodwa-ke unina kabasuse, nosibongile, baphatheka kabi
a-	kakhulu, bethuka futhi, bagcizelela ngazwi linye lokuthi

ni	akuyobizwa udokotela.
a-	Qha-ke lapho kwatshama ukuthi. bazishaya ngekhanda
a-	etsheni; ngangingasoze ngayivuma into efana naleyo.  Kuyinto
[a	eyaziwayo nayinoma ngubani ukuthi imithi yesilungu neyesi-
)a	zulu kayihambelani kayisebenzelani.
Kwathi lapho ubasuse eselele phansi equma, ulimi luse-
L-	mdaka ububende, ngezwa ngethuka manje.  Kwaya ngokuqhubeka esezinhlungwini wazewashaywa intwabu.  Induduzo enganginayo enhliziyweni yami, ukuthi uxaba wayeshilo wathi ngingethuki, ukufa k-ukhishwa kabuhlungu.  Kodwa ngangithi uma ngimbona ubasuse eshaywa intwabu, sek-ungathi futhi khona lapho unephika, ngezwa ngishaywa uvalo.
t	Uma kwakwedlulela kulokho engangikulindele ngangizi-
misele ukuba impilo kabasuse ngiyisindise noma kanti kwase k-ungachitheka thunga Iinobisi noma gula linamasi; ngilahlekelwe noma kangakanani; kodwa mayelana nalokho engangikwenzile alcukho ok-unye engangingakwenza.  Lowo muthi owawufakelwe ekudleni kwadliwa ngubasuse, wawukhonjwe ngabaphansi.  Uma-ke manje, emva kokuba usufakiwe kwalandelana konke njengoba babesliilo, sebesifulathela abaphansi, yini enye eyayingenziwa?  Kwakuyobe kusesentandweni yabo nalokho.

121
E

Seliyoshona ilanga base behlezi bemnguage bonke ubasuse abomndeni.  Wathunqisel-,va izinyamazane ezazihlala zikhona ekhaya kwaba sengathi iphika liyaphela.  Kodwa kwathi emva kwesikhashana walalilekelwa umqondo ubasuse, wahema okomuntu ephethwe inyongo.  Waqhubeka ephefumula esethe akalaliswe ngesisu nianje, kodwa kubonakala ukuthi uphefumula nje akusafinyeleli lapho kuyaye kafinyelele khona lapho umuntu ephefumula ephila.  Kwase kuhleziwe kuthulekile kuthe du.  Eduze komfana kwak-uhlezi uMaZondi, izinyembezi kuye zithe wi.... Ngambukisisa umfana, ngambona edonsa umoya, waphefumula kakh-ulu ewukhipha kwaba sengathi umoya abewukhipha ubuye endleleni, uvimbelekile mhlawumbe phakathi.  Wazama ukuwudonsa futlii, awudonsekanga.  Ngaleso sikhathi washona ubasuse.
Wayeselele engasaphefumuli engasanyakazi engasakhulumi, kodwa esabhekile.  Ngasondela ngainvala amehlo.  Inyama yami yayifile igazi lami Ialishuqile.  Kuyisimanga ukuthi ezikhathini ezifana iialezi ingqondo yomuntu igxila entweni eyodwa.  Njengoba ngase ngiqosheme ngithule ngithe du ngiqinise imihlathi, ingqondo yami yayibelesele okokushaya kwenhliziyo yomuntu ophilayo, igxile emcabangweni wokuthi njengoba umphefumulo wawusuphumile nje kumntanami, wawungasoze ubuyele kuyena futhi nanini, ngendlela le esiyibonayo ngokomhlaba.  Kwase kuphele konke-isiphetho esishaqisayo.  Alcukho okungaduduza, akukho okuphindisela emuva, akukho ok-ungenza nabungcono buni.  ICuncane kakhulu futhi akucacile neze, okwaziwayo ngezwe lelo ok-uthiwa isintu siphelela khona.  Kuhamba kuhambe kuthi lapho sesibadala, kwesinye isikhathi, kusikhanyele ukuthi amasiko lawo ethu esakhula nathi obabamkhulu bewenza, ayilokho ayikho kuphela, sethembe nje ukuthi kodwa mahle alungile futhi.  Kodwa emva kwesikhathi, noma kokuvela k-wezinye izigameko, sesicwaningisisa kahle ok-ungaphakathi ezinhliziyweni zethu, siyaye sithole uk-uthi akukho lutho esineqiniso elikhulu nakho.
Lapho umuntu ezwa ezedlulela ngendlela, noma, indlebe yakhe icosha izinhlamvu zamazwi alabo asuke ehlezi nabo,

122

Id

ZI,

nt K,

011
k@
sit

sis eli@,
k.@
nh

K,9
em

bai za2 kul ng2 Mii nga

engi
umi
k-we
umi.

ugai

ise	uyayezwe amakholwa ethi wona aneqiniso eliphelele, futhi
)na	wonke kuwacacele kahle, ukuthi imnandi inhle impilo elindele
Lva	thina esisenganeno kweliba.  Kodwa futhi kuyamangalisa uku-
na	babona besaba bengabaza kakhulu ukuzimiselela ukuwelela
he	ngaphesheya ngawo lomzuzu-yebo besaba kakhulu abanye
@u-	babo okwedlulela thina okuthiwa singamaqaba.
ho	UBasuse esaphila wayengaseyena umfana olungile, umu-
ile	ntu ayesenokuziqhenya ngaye.  WayesenemigiHngwane emi-
nzile esaphila.

,zi	ningi.  Miningi imizi eyayikhala ngalokho ayekwe
sa	Maningi amakhosikazi ayengabafelokazi, ngenxa yakhe.
iii	Ziningi izingane ezazizintandane ngenxa yakhe.  Kwaniina
I-	ngase ngixhozeke emzimbeni ngiyimijwaqu, ngenxa yakhe.
1.	Kodwa-ke esefile, ngezwa inhliziyo yami igcwala ukudabuka okukhulu.  Singcono isoni esiphilayo kunesifile.  Yebo, esifile
I-	kasisenalo ithuba lokuqhubeka sone, kodwa sona sisuke
	sigcine sonile, sikhumbuleka kuphela siyisoni.  Esiphilayo, yebo
i-	sisenalo ithuba lokuqhubeka sone, sandise umonakalo, kodwa
I-	elinye ithuba futhi esinalo elokuba siphenduke, siziphathe
	kahle, kuthi lapho sifa, sigcine senze okungaphambene nenhlalo yabantu, ngakho sikhumbuleke singesiso isoni.
Amakhosikazi adinda isililo kakhulu ehlaba unikhosi.  Kwaphuma abantu bagewala izindlela zonke bazobona ukuthi emzini wami kwenzenjani.
Ngawabuka amakhosikazi, ngezwa ngidabuka kwaxubana nomona futhi.  Ngadabuka ukuthi izinhhziyo zawo zazidabukile; ngaba nomona ukuthi wona ayekwazi ukulila kuphume izinyembezi kuze kube sengathi asenesibibithwane, ngakho akukhombise konke nakongazi ukudabuka kwawo.  Mina ngangingakwazi ukukhala, nezinyembezi zodwa Iezi ngangingakwazi ukuziphoqelela ziphume.
Indodana yami yayisishonile.  Yayibulewa yimina.  Indlela engangiyibulele ngayo yayingehlukile ekubeni ngangithathe umkhonto ngayigwaza yafa khona lapho.  Eqinisweni engangikwenzile kwakufana nse, uma kwakungedlulele, ekuphihlizeni umuntu ngewisa afe khona lapho.
Inye into eyayithe bha engqondweni yami njengoba ugangiqosheme lapho: Ukuthi ngangingafanele ukuba ngiso-

123

lwe ngaleso senzo engangisenzile.  Ngangilandele amasiko okhokho.  Yebo, khona ngase ngimbulele umntanami.  Nokho ngangikholwa ukuthi engangikwenza, ngangikwenzela ubuhle, konke kusentandweni futhi kulusizo esizweni sasekhaya, nakuyena umfana uqobo, kodwa-ke, wayeseshonile.
Kulukhuni ukungalandeli amasiko, kuyibulima ukudambisela ukulandela lokho okhokho bakho ababekwenza, akumangalisi ukuthi kulukhuni satshe ukushabalala kwamasiko ayelandeliva ngokhokho bakho.  Ngokukhula komuntu amasiko aya ngokumphoqelela kakhulu ukuba awagcine.  Lapho umunta ehlezi-yedwa anganqakuzisana nemicabango yakhe emflkelayo, nemenza ukuba akungabaze okunye k odwa lokho angeze akwenza lapho esebhekene nezintak-u ngezintaku zomhlaba.  Lapho umuntu esesebunzimeni uyaqalaza angaboni lutho olunye lokubambelela ngaphandle kwamagatsha amasiko okuzimpande zawo asuke egxile kiiye.
Ngesinye isikhathi ngiyaye ngize ngicabange ukuthi kulula ukuguqula umlungu, noma esekhule kangakanani, abe ngumuntu omnyama ngezinto eziningi noma ebengaqondile, kunokuguqula -umuntu onsundu aphenduke abe ngumlungu; kwedlulele kulelo zinga abeliqondile yena.  Uma umuntu onsundu. ekhulele emakhaya, wakhuliswa ngendlela yamasiko, yebo aii.gak--@,venza okuningi kwesilungu, avitize izilimi, ahlale nenhlalo yakobeliingu, kodwa imvamisa kuthi lapho esesebuiizimeni ibuye imbewu enliliziyweni yalokho okwakutshalwe kuyeiia esakhuliswa, abambelele ngezandla zombili ethembeni lakhe lokugcina, lapho noyisemkhulu babebambelela khona ebunzimeni.  Kulukhuni ukucubungula ukuthi iqalaphi igcinephi ingxenye yalnasiko abantu, okuthe emva kwesikhathi abantu bewalandela yabonakala ukuthi kayisebenzi; nengxenye yamasiko esilungu abonakaliswe kahle ngaphandle kokungabaza ukuthi yiwonawona-ke lawa-noma laya ngamasiko osekufanele alandelwe nguwonke uwonke.
Nasesigamekweni sokushona komntanami namanje ngisakholwa ukuthi mina ngangifana nezandla k-uphela ezithunywa ngumninizo yena emkhulu, futhi owazi kangeono kunazo, ukuba zenze into ethile.  Leyonto ziyayenza.  Zingeze zala futhi.

124

m








1


c
e
n
11

Ut
k@

siko	Kwakungemvume, kungesifiso, kungentando yamathongo
kho	uk-uba ubasuse afe?Ngangingubani-ke mina owayezophikisa
hle,	ababekwenza, ngizixabanise nabo na?  Ngazibuza ngaziphe-
tya,	ndula, ngazimangalela ngazithethelela, ngicabanga nginga-
da-	qedi.  Kwesinye isikhathi ngan,-,ize ngikholwe ngok-ungangabazeki ukuthi icala ngangingenalo-eqinisweni kwedluiele
@za,	lapho, nokuthi ubasuse wabe edalelwe ukufa ngaleyo ndlela,
isi-	lokho kuyintando yomvelinqangi nokudedela kwabanga-
itu	sekho.  Inliliziyo yanii yayize ithande ukuba buhlungu lapho
'le.	unina wom-ufi ethule ehleze engithi klabe ngamehlo anosizi
go	nokusengathi ayebona ngaphakathi enhliziyweni yami.
va	Ngakusasa wangcwatsha umntanami,' wangena ktiwo
U	umhlaba obandayo, kweiiziwa onke amasiko, wapliethwa
ni	umsebenzi.  Ngayiphelekezela ngejongosana insizwa yami.  Ngesikhathi ithuna selizogqitshwa, sekuvalwe ngocansi endlini yakhe umufl, ngafisa, ngenhliziyo yami yonke, ukuba sengathi
U	lelo cansi Ialingabe limboza mina.  Inhliziyo yami yafisa futhi
	sengathi lowomhlaba owawusuvala igodi, ngabe nami wawungivalela phakathi.  Ngase ngimdala ngihlupheka ngaleso sikhathi.  Kimina kwakungathi zonke izinsuku zokuphila k-wami emhlabeni kwak-ungezomunyu.
lyadla, iyawudlunga ngaphakathi, ishoshozelisa izibilini indaba yokiiba nemflhlo esineniiphumela ebonakalayo kodwa umuntu aiigeze ayiveza kwabanye nanini nanini, ngenxa yokwesaba imiphumela futhi yokuba lemfihlo esibe nemiphu-

mela yaziwe.
Ngiyakholwa, abashonile kabashabalele unomphela, ukuba kunjalo ngabe kawekho amathongo.  Kodwa kuyobanini futhi ngize ngihlangane nobasuse, kuyobanini?  Kuyobanini?  Yebo kufa kawiimncinyane ngoba bonke bayedlula ogodweni obaganvulela kulona n,-ezembe, kungekho noyedwa odlula eceleni aphephe.  Uyisithulu kufa ngoba amazwi abafelokazi nezintandane kawuwezwa.  Uyimpumputhe k-ufa ngoba usizi lwenhliziyo ehluphekile kalukuthinti kalukudikizisi.
Ukushona kwendodana yami kwak-ungesibona lcuphela ubunzima engangibhekene nabo ngaleso sikhathi sokukhula kwami.  Emva kwesikhashana ngase ngikobunye ubunzima 125

futhi.  Kwakuza inhlupheko kasibongile, udadewabo kabasuse endlini, owayezovusa izithelo ezivutliiswe yilezi zikhathi ezisigabhile.  Okungenani kwakuyok-uba ngeono ukuba wayevune lokho ayezitshalele khona vena.








126

xvii

Ngaphambi kokuba ngiluthathe lapho luqala khona ngize ngiyolukhipha lapho luphela khona udaba lukasibongile, ngitlianda k-uqala ukuba kengibikele abalalele ngibonise nababhekile imibono yami mayelana nobunyanga babantu.  Mhlawumbe engizokusho umuntu angathi ngikusholo ukuba ngize ngizithetlielele, kodwa kulowo mbandela ngithi angazi osektiyikhona futhi angisenandaba nje nangakho.
i\.masonto athi ubunyanga besizulu nakho konke okuphathelene nabo buyisono, futhi buyinto engalungile.  Kodwa-ke abasakazi baleyo ntshumayclo, bake bazisho yini izizathu eziphelele nezigculisayo ukuthi loklio okushiwo izinyanga azikususeli ndawo?  Abashumayeli labo bathi abantu abapha. tha imithi baneqholwana Ieze lokuzethemba elingapheleli ndawo lobuphukuphuku.  Kodwa izinyanga Iezi yizona eziphumelela ezintweni eziningi, lokho kubonakale futhi kungaphikiswa muntu.  Inyanga yendawo, kangikhathali ukuthi umuntu uthini, iyona enezwi elihlonishwayo kuso sonke leso sigodi.  Abantu abanjengoshaka kuphela ok-uthiwa babengazesabi izinyanga, babezibulala ngamakhulukhulu lapho sezizama ukuba nesithunzi nazo seziqala ukwesatshiswa okwamakhosi.  Cishe bonke abanye abantu bayazesaba bayazihlonipha izinyanga, bakholelwa kuzona ngokuphelele, futhi bayakwazi uk-uba badele ifana elincane abanalo ukuze bakhokhele izinyanga ngemisebenzi yazo ezisuke ziyenzile.
Ezinye zazo njalo kuthiwa zinanemikhovu nomantindane.  Kuthiwa zazi ngisho ukwenza umuntu abe yimfakabih.  Miningi imisebenzi eyenziwa ngomantindane nemikhovu siylbone ngamehlo.  Konke lokhu k-ubufakazi obufanela banelise wonke umuntu ongqondo yakhe isebenza kahle.  AbeFundisi nabashumayeli kabazi kahle ukuthi bona bemiphi mayelana nodaba lwemikhovu.  Sengathi kabavumelani kwabona bodwa.  Kodwa futhi sengathi leyo ngxenye ethi kayikukholwa lokhu,

127

ibuye idideke futhi kungabibikho ekulandela ngokuphelele.  AbeFundisi bathi kayikho ilito efana nomkhovu, kayikaze ibe khona ftithi kayisoze yaba khona emhlabeni.  Okufilce kube yinkinga kodwa ukutlii abefundisi labo, yibona abenza irnithandazo nezibusiso kuthiwe kuvikelwa abantu emimoyeni emibi njengayo imikhovu.  Ngokwenza njena phela abefundisi laba basuke sebevuma uk-uthi imikhovu ikhona.
Ukuthakatha kunhlobonhlobo.  Kukhona ukubhulela, ukuphonsa. ukutliwebula nokubekela.  Kukhona abanye abathakathi abaqlioqhobala izindangala ebusuku, babheke emuva, yeka:
"Uyozwa ngami, ngizwe ngawe...
Uyozwa ngami, ngizwe ngawe...
Gabanqa,gabanqa,gabanqa."
Lamazwi asuke eshiwo ngumtliakathi egibele imfene yakhe ebheke emuva ciiqunu hlwi.  Ugibele nje-ke uyothakatha, uphethe imithi ahambe eyigcoba, eminye ayishutheke ezingosini.  Uina ethuke chlangana nomuntu kube yilesi:
"Uyothi uboneni?"
"Ngiyothi angibonanga lutho."
"Uyothi uboneni?"
"Angibonanga lutho."
Lapho aneliswe-ke omdala ngokuthi akabonwangwa, akunakutshelwa muntu lutho.
Lapho eke wathi uyabuza umthakathi wahlangana nempendulo ethi: "Ngiyotlii ngibonabone usibanibani" noma "umuntu egibele indangala," umthakathi timbulalela lapho lowo okhuluma kanjalo.  Akafuni phela abonwe ukuthi ungubani.
Athi-ke aniasonto umthakathi umuntu oqalekisiwe, ngoba uban.ga futlii wenza lemigilingwane.  Kanti-ke bonke abantu abasontayo nabangasonti, kabavumelaiii nento efana nalena.  Eqinisweni izinto eziningi ezazilokhu zisliiwo iiguMaZondi kimina ngesikhathi ezai-na ukungiphendula angenze ikholwa, ziyinqaba nje uma sengizicabangisisa zifana nje nazo Iezo umuntu azizwa zishiwo kuthiwa abathakathi bayazenza.
Akumangalisi ukuthi abantu bazikholelwa ngezinhliziyo zabo zonke emitffini.  Kungadinga umuntu onamandla ama-

128

helele.	khulu futhi onomqondo ozike ngokungavamisile, ukuba
ze ibe	angakholelwa yilokho ake akubona yena ngawakhe ameblo
kube	kwenzeka.  Kodwa nihlawumbe futhi umuntu ongakholelwa
ii-iii-	yinto ake ayibona yenzeka, unomqondo olula nohalalaza
[oyeni	phezulu.  Kangakanarti-ke uma bonke oinakhelwane bakhe
indisi	besho yona leyonto ayibonile, nabo bethi bayayazi bayaye


ulela,	bayibone?

Abathakathi kabakaze bathandwe noma bakhutliazwe.

aba-	Yizinyanga abantu ababethandeka nababelusizo.  Kubi nje
.iuva,	ngoba ngizwa kuthiwa abelungu kabehlukanisi bona phaka-

thi komthakathi nenyanga, kutliiwa nje umthakathi, noma umuntu akakaze ambulale umuntu, futhi akasoze; noma-ke igama liqondane nomkhunkuli impela esewabulala izinkithiwane zabantu.  Kuthiwa-ke bathi abelungu laba, engani
ikhe	nezinyanga ziyayazi iniithi ebulalayo na, zibelapha kanjani
eta	ababulewe nababhulelwe zona zingebabulale zibabhulele na?

ngo-	Yekaniri.  Bona bakobelungu odokotela babo kabayazi

yiiii iinitlli yokubulala?  Kaiiti ngobani aboshevu, abamaphilisi abulalayo, bemithi ephuzwtyo ebulalayo nemijovo ebulalayo ?
Yilokhu kwathi nhlo umthakathi iiyazondeka kwazulu.

Wayejojwa uma esetholakele, kungachithwa sikhathi, afe

Wa,	ebhongisa ok,,venkomo.  Ukubulala umuntu kanjena, kwakungesihlazo, kepha kwakuyisenzo esihle esituseka kakliulu
ipe-	njengoba sasephula abantu ebulwaneni bokubulawa -unithaka-

rnu-	thi Iona.  Angiphiki ukuthi umuntu angelapha emini, asindise

iziguli; kuthi ebusuku agibele imfene yakhe ahambe eloya abantu ukuze bagule beze kuye abelaphe.  Kodwa lokho akusho
)ba	ukuthi zonke izinyanga zirijalo.

atu	Idlanzi labathakathi clikhona lapha maiije liyazichacha-
na.	zela njena, selithakatlia ngokungafihli. lmvamisa yalo linea-

idi	semadolobheni.  Eiigani lenza konke lokhu nje bo lethembe
va,	ukuvikelwa ngumlungu.  Umuntu angaze acabange ukuthi
@zo	njeiigoba sekukhona izikole namasonto nje nemithethothetho

elwa nobuthakathi, ubuthakathi bungagciiia buphelile nya.
yo	Akunjalo neze.  Lokho kufakazela ukuthi futhi ubuthakathi
a-	lobu bunfflobonhlobo, akusiyena kuphela futhi umuntu

129

ophatha imithi, othakathayo.  Inhliziyo embi ubuthakathi, mzondo ubuthakathi, ukubukela phansi omunye umuntu unina wenzondo ok-ungane yayo ubuthakathi.  Amasonto nezikole kungalcuqeda kanjani-ke konke lokhu?
Indaba yobunyanga-ke nemithi lena, umuntu angasho yini uk-uthi ubulima, yinto yokuchitha isikhathi neyingozi?  Angasho yini uk-uthi kayinamandla esintwini njengoba isonto linawo nje na?  Uina imithi nobunyanga kuyinto yeziphukuphuku, yamaqaba nabantu abasemuva kakhulu, abangenayo nengqondo yokuba babone ukuthi lento ayisani ndawo, pho abelungu abamhlophe babhulelani @ Kwenziwa yini bakholwe ukuthi lokho okushiwo ngababhulayo nabachitha amathambo kuliqiniso ?
Lezi ngezinye zezinto ezingixakayo, nezidida ingqondo yami, ngize olcungenani ngethembele kulabo abangasekho ukuze bangivikele.
Imikhovu lena inamandla angaphezulu le okwedlula thina, Nomthakathi ngok-unjalo unamandla amakhulu esingenawo thina.  Uiiithakathi usuke engasakhathalele buhle nakwethenjwa, engasenandaba nayo yonke impilo yobuhle.
Lapho umuntu esesebunzimeni ujikela kubantu bakubo k-uqala bona eneqiniso nabo ukuthi bazokuba nozwela oluphelele k-unokuba athembele ezizweni ezingeze zaba nalo neze uzwelo olufana nolwabantu bakubo.
Lapho ubunzima budlangile, indodana yomnumzane ishonile, inani labantu ekhaya linciphe ngomuntu oyedwa ongasekuphinde abuye nanini, okungenani osekuyolandelwa yena; lapho emasimini ummbila ushe waba izinkohlo ungakakhahleli, namabele emhlophe okungathi izibi zokuthungela umlilo; lapho utshani emadlelweni buziqintana ezishunqa uthuli izimpande zingaphandle; 1,apho izinkomo zilunywa amashoba zisukunyiswa zitatanyiswa ukuze zifmyelele emifuleni ziphuze amanzi, lapho amabele azo omele phakathi; lapho lishona maqede kungabi bikho muzi othunqayo ngoba kungekho okuzophekwa; lapho izinja zibalwa izimbambo, abantu bebheke phezulu iniihla namalanga kungawi nefilodwa iconsi lemvula-kudingeka isibonda esithile sokubambelela, ukuze 130

timuntu asek-eleke angafadaiali.  Kufanele kube khona iziko lethemba angotha kulo njalo lapho sekukubi ukuze aduduzeke akubone konke lokho okusuke kumhaqile kwedlula, kungezile uk-uzohlala.  Udinga ukuyocula umucwi wethemba kulelo ziko, wokuthi konke lokho okwenzakalayo kungentando nenhloso yalowo onamandla kunakho konke, owenza lokho ukuze kuvele buhle buthize sikhathi sithize.  Udinga ukuphephela futhi emcabangweni wokuthi hleze lokho kuyisijeziso esiphelayo.  Kusweleke ukuba k-uthi lapho sekunje acabange amathafa aluhlaza alala amazolo ekuselli izinkomo zifukuthe zisindwe ngamabele, kudinga acabange amasimu ahlula abaYwii ummbila ubeletha izikhwebu ngazimbili ngazintathu.  Ukuba kwakungenjalo isintu ngabe kasisekho emhlabeni ngoba ngabe sesaphelelwa isifiso nentando yokuphila nokuzabalaza njalo siqhubeke siwa sivuka kulomgudu wempilo.
Angikaze ngilcubukele phansi lokho okwakukholelwa iigobabamkhulu.  Kimina lokho ababekuk-holelwa kunganiaqiniso angephikiswe futhi k-ungenzela okuhle okwedlule kulokho inkolo yesilungu ekwenzele unkosikazi wami, uMaZondi.
Mayelana nendodana yami, ubasuse, ngiyacabanga ukuthi ukufa kwayo kwakumiselwe, kuhlelme ngabanamandla nolwazi olukhulu kunami; sengiyokwazi ngokuphelele lapho nami sengiwelela kulelo obabamkhulu asebekulo.  Umkami, uMaZondi, unesilonda esinkewuzelayo esingasenakuphola kepha esiqhubekela phambili sibhibha singamphumulisi emini singamlalisi ebusuku.  Ukholo lolo athi lunamandla abalulanda emasontweni lubuthaka, luyantenga luyesabisana, lukhipha lonke ithemba kumuntu.  Ngiyethemba lufundisa ukuba umuntu azilahle kakhulu, azibone engelutho engafanele kuxolelwa, nazulu lelo akhuluma n-alo.  Uma kungenjalo, pho yini ukwesaba kangaka?
UMaZondi uyasola ukutlii umfana wabulawa ngokudliswa, kodwa uyesaba ukungibuza ngalokho.  Uma ngizwa, ukholo loMaZondi uk-uthi unkulunkulu wathanda norna wavuma ukuba umntwana afe.  Akwenzi mahluko omkhulu-ke lokho, ubasuse wafa ngaleso sikhathi afa ngaso, kuthandiwe 131

noma kuvunyiwe.  Imbangi yokufa kwakhe sengathi akunto esemqoka leyo.  Lokhu-ke kuyavumelana kakhulu nendlela thina esicabanga ngayo.
Ngiyabonga khona ukuthi umuthi lowo washesha kangaka ukusebenza ngaphandle kwalokho noMaZondi wayezoze adle naye khona lapho.  Khona akusiyona into ejabulelekayo ukuba umuntu abe isandla sokwenza into ethile, noma ethunywe ngabahlakaniphe kangakanani.  Kwesinye isikhathi lapho kusengathi kukhona iduku elimnyama elilengiswa emehlweni ami, ngiyaye ngifise sengathi ngabe nami ngabudla lobo bubende obadliwa ngubasiise.
Lapho ngihlezi ngedwa kwesinye isikhathi, mhlawumbe k-uhlezi impukane onyaweni lwanii, ngiyaye ngethuke sengimbona ubasuse eyisigede somfana engangoba ayengako ngezinsuku zakhe zobuncane, kube sengathi uzosondela kimi egaqa chuquzela ezoshaya leyompukane eyisusa kimina njengoba ayevamisile ukwenza esengako. lyangifikela-ke imicabango, inginamathe ingangiyeki, lokho kwenze ngicabange njalo ukuthi ukuba nami ngabudla lobo bubende sase siyowelela ezweni lapho sasesiyokwanelisw,- sobabili nobasuse.  Kodwa konke lokhu kwakungasasho lutho, lase lidume ladlula.
Kukhona ababekwenza inhlekisa ukuhlupheka kw-ami.  Baningi ababethi ngangivele n-ingazalanga, ngangibole amathumbu.  Kodwa mina kwatl-d emva kwesikhathi izinto zancicaccla ngokunye, ngase ngazi ngcono kunabo.  Lokho umntanami aphenduka waba yikhona asekhulile kwakungumphumela wokuguquka kwezikhathi.  Abanye babethi ukhamba lufuza imbiza.  Mina ngangingenjalo.  Abanye babetlii lokho kwakungumviizo wesandla esitotosayo.  Mhlawumbe ngakweUnye icala babeqinisile.  Kodwa konke lokhu kukhuluma ngemuva k,@vendaba kwakusasizani?  Ngubani ongagqokisa ixoxo lishone shi likhohlakale ukutlti eqinisweni Iona lingumahambaze?  Ngubani ongagiiqula isimo esesenzekile?  Inhliziyo yami yase iyilokhu eyayiyikhona kungasekho okunye.


132

nto


ga-	xviii

DZC
tyo	Sengiyahlehla futhi, ngigiya ngibuyela okomgqigqo-

iu-	ngiphindela esikhatffini lapho usibongile enezinsunswana
thi	zamabele eseqala ukubuyisela njalo ibhayi lakhe lapho lintwe-
wa	ngulwa umoya, kufika ebangeni lapho kusengathi unesidina
lla	ebusweni, igazi lakhe likhuthubele, kuye kufinyelele lapho ehlambululeka egezeka khona, lapho elandelwa ngamehlo uma
be	edlula, lapho ephoqa inhliziyo yodlulayo isale naye-lapho izinsizwa ziqala ukukhuzela ungokhuzelo.
e-	Nangaphambi kokuba usibongile akliule abe ngaka waye-
ni	sebonakele ukuthi wayezokuba intombi ezintombini.  Kodwa
ta	kwathi lapho nempela esefinyelela ebangeni lobutshitshi obu-
i-	gcwele, wafana nembali ebimile ehlane, kwathi ngokubonakala
,e	kwayo abahleze bedlula ngakhona bayakhela, bahlala beyichelela beyihlak-tilela beyihlenga belindele rnsukwana iqhakazayo.  Kutlii lapho befika ekuseni iqhakazile imbali yabo
	bathuke baqikileke, bazibuke bazinyeze batlii imbali enjena ibingafanele indalo iyidalele ukuba ikhoseliswe kubona.
Kwaba njalo kusibongile.  Esekhulile wafana nenyanga enobuhle obungakhathali, ekhanga ikhanya kepha ingenalulaka lokuxhopha.  Wayetuswa yibobonke abantu besifunda, abesilisa nabesifazaiie-izinsizwa nezintombi.  Akuvamisile ukuba izintombi zituse enye uk-uthi inhle, kodwa yena zazimtusa. Wayengumfanekiso ababelala bewuguquguqula ezingqondweni zabo bajumeke kuse, baphaphame umfanekiso lowo usagqame njengoba ubunjalo belala.
Ngalezo zinsuku amakhosi akwazulu ayekhipha isigejana samadoda ahamba lzigodi ngezigodi efuna amantombazane amahle-izimbali zezv;e, ukuba ahambe ayogana inkosi.
Njengoba iva likhishwa ngelinye iva, nobuhle bulandwa ngobunye ubuhle.  Lamadoda ayeba izithunywa zamakhosi kwakuba ngamadoda akhulile, imidondoshiya,.enogazi, enesithunzi, ehlonipheka.  Akumangalisi-k-e ukuthi ihlo lawo Iali-

133

bukhali, liqaphela likwazi ukukhetjia liqonde ngqo kulowo ofanele inkosi noma ungubani, ukuphi, ungokabani.  Kunjalo nje futbi lamadoda umuntu wayengathi achitha amathambo ngaphamb.t kokuba aphume ayohlwayela inkosi.  Ayengafihlelwa lutho, ayewazi onke amantombazane ezindawo ngezindawo, kungekho ukuwakhohlisa.  Ayengayikhohlwa intombazane ake ayibona.  Kwakwala ayeyibone isencane ingakakhuli nakakhula, mhlawumbe iminyaka emine eyedlule, uma yayiyinhle, ayeflke ayibuze uk-uthi iphi uma esephinda efika futhi.  Wawungathi kukhona lapho ayebhala khona, lokhu phela sizwa lcuthiwa okubhaliwe akukhohlakali bona babengabhali ndawo, kodwa okunamuhla abantu bakhohlwa yizo zonke izinto ngakho lokh-it ukuba babelokhu babhala zonke izinto nezifanele ukukhunjulwa ngekhanda.
Kwakuthi lapho esuka emzini wenkosi-ke amadoda lawo, akhunjuzwe ukuthi ayobhekani ekuhambeni.  Kwakufanele akhethe izintombi ezigcwele, ezikhiilile, ezingamagqumusha, ezibukekayo.  Kwakufuneka ezibukekayo kodwa zingakhuli zize zibe nkulu kakhulu sakuba yizindlovu.  Kwakufanele zingabi mfishane kakhulu okwezikhukhukazi kodwa futhi zingabi zinde kakh-ulu okogilonko.  Indoda enonkosikazi omfishane ngokwedlulele, bahamba k-ube sengatlii iqhude netshwele.  Kanti futhi nonkosikazi omude kakhulu, okwedlula indoda, indoda iyazinyeza, imbukele phezulu ngaso sonke isikhathi, njengembuzi yelule intamo izama ukufinyelela emaqabungeni aphezulu.  Umzimba walezi zintombi kwakufanele uqine, izinqe ziqine-zingabi yizimbensula kanti futhi zingabi yisishwapha.  Amathanga kwak-ufanele kube ngabukekayo.  Ukhalo kwakufancle lube lukhulu ngokuhngene, luiigabi lukhulu ngokubi, isisu siqine sihngane yonke indawo, singabi libhamuza noma liqhushumbana.  Yingakho iningi lalezi zintombi Ialikhethwa emsindweni, izintombi zihlubule, imizimba ibonakala yonke zifake obheshwana k-uphela.
Abanumzane laba babekhetha ezinamabele alingene, aqinile, acijile.  Kwakuthandeka izinyawo ezincane, ezibumbeke kahle, lcuthiwe-ke izintombi ezinezinyawo ezinjalo zinyathela ngabantwana.

134




IL

TO	Kwakulindeleke ukuba intombi ibe nohla lonke lwama-
@o
10	zinyo olusaphelele.  Kwakuthandeka aluthotho, ezoldela aqha-

kaze okwamalanda elilezi phezu kwezinkomo zeluka emagqumeni aluhlaza.  Eziningi zezintombi ezazikhethwa zazinemizi


ngamibili ngamithathu ebusweni.  Ezinye zazo zazifocoka izi-

faca ezihlathini lapho zihleka.

	Izintombi ezazikhethelwa ukuba ngondlunkulu zaziba

nesikhumba esihle, esithambile nesicwazimulayo, zikhanga, njengesikhumba sesithelo esesivuthiwe.  Kwak-ungakhethwa ezimlilophe kak-hulu kuze kube sengathi umuntu akasenalo

L           igazi, noina ezimnyama kakhulu kuze kube sengathi intshede
yamalahle.
Kwakukhethwa ezinamehlo ahloniphile, angayaluzi kodwa agqanlile, ngoba kungayisiza ngani imbali ukuba yinhie kodwa ibe icimezile iyimpumpiithe na?  Kwakuthandeka amashiya abonakalayo nazongolozeke kahle.
Kukho konke, kwak-ufanele ukuba lozi kube yizintombi ezigcwele nezingakaze zithintwe ngoba inkosi iyona umholi, iyona ehamba phambili, kayilandeli muntu.
USibongile wayenakho konke lokhu, eqinisweni kokuningi wayenakho kwedlulele, wayefana nentebe yokuqala eqhakaza osebeni lomfula.  Noma ngubani owayehlangana naye wayemazisa embukisisa aze ayosithela.
Kodwa-ke usibongile kwakungumuntu wezikole.  Ngakho wayengabhinci.  Wayegqoka awumboze wonke umzimba wakhe k-usukela emahlombe kuze kuyoshaya ngezansi kwamadolo.  Bonke ubuhle bake babufihlekile.  Nokho noma kwakunjalo kwakubonakala ukuthi nansi intombazane cyayenele ifancle noma iyiphi inkosi.  Okukhulu okwasindisa usibongile, ukuthi umuntu ofundile wayecasukelwa, kuthiwa futhi nokusho uzofika nalaphaya esigodlweni azenze usiyazi.
Ngaphezu kwabo bonke lobo buhle, umntanami wayehlonipha, ebazisa abantu abadala.  Wayehlonipha yonke imizi naleyo ayazi kamhlophe ukuthi akasoze endela kuyona.  Ngangigculisekile ngomntanami ngazo zonke izindlela, wayeyimbali eyayigcoba ngamafutha inhliziyo yami eyaseyoma yahashuka ngenxa yokuhamba kweminyaka.  Kwakuthi uma 135

ngibona usibongile noma ngicabanga ngaye ngigculiseke ukuthi ukuganwa kwami nguMaZondi kwakube nomphumela omuhle ngasohlangothini lukasibongile.  USibongile wayeyinduduzo kimi ethule ekhuluma, ekhona, engekho.  USibongile wayeyisibonelo sentombi kazulu ehloniphekayo nebukekayo.  Kulezo zikhathi kwakukhanya kimi ukuthi utliando engangithande ngalo usibongile namandla engangiwasebenzisile ngimnakekela, lwalungachithekelanga phansi emhlabathini owomile, ongabambi lutho, nokumnakekela kwami kwakubuyiseleke ngemfanelo, ukubonga wayekukhombisa.  Ukuthanda nokumnakekela k-wami akubanga njengamandla esambane, sona simba imigodigodi singayilali.
Iminyaka eminingama efunda esikoleni, waphuma emonyongeke ngemfanelo.  Wayengonakele neze.  Noma ayekwazi uk-ufunda nokubhala, wayengaziqhenyi futhi engeyena umuntu osizakala ngokungazi kwabanye abantu.
Njengoba-ke bvase kuyiso isikhathi sokuba akhulunyiswe, izinsizwa zazihaniba amazwe ziqonde ukuba ziye zimvimbezele ngasemthonjeni ayekha kuwo amanzi noma chlathini lapho usibongile nabangani bakhe babetlieza khona.  Wayez-1phatha kahle, angabi luhlaza, kodwa aphike iigokuthi iije lokho ezazikhuluma ngakho wayengasoze ak-uvuma.
Uyise wentombazane akakhulumi nayo izindaba zothando ngesiko likazulu.  Kodwa ngiyazi ukuthi uMaZondi yena kwakuthi lapho ekhuluma nosinbongile amdonse ngendlebe njalo emtshela ukuthi makangayiqinisi ngosekwedlulele inhliziyo yakhe, ngoba uma eqhubeka engavumi noyedwa kulabo ababemkhulumisa, kwakungasensuku zatshwala azibangele ukuba izinsizwa zaso sonke isifunda zimdinsile phansi zingaphinde

zimkhulumise agcine eshimile.  Okwakushiwo ngusibongile 1 kunina ukuthi wayeseyingane, wayengakafiki ebangeni lokuba

avumele inhliziyo yakhe ihlupheke ifuleleke izinkinga ngezi- 3 nkinga zothando.

Ngalesi sikhatlii impilo yami ekhaya kwakufanele ukuthi ngabe yayingathikamiziseki, ngigculile.  Kodwa-ke kwakukhona njalo ifu elalilokhu lilenga njalo lingehli, lingayi phezulu, lingezi neno lingahlehleli muva, limile lingashabalali linga-

136

y
k
n

;eke	hwamuki, umoya wami wawuhlala waphukile njalo.  Lokhu
iela	kwakubangwa yimibiko cyayilokhu ilandelene ngobasuse owayeqele ethekwini wabhungukela khona.

CY1-
gile	lzinhlupheko kazivami ukuza ngazinye.  Zifana nezinyoni

yo.	ehlobo.  Inqe uma liqhamuka lisuke libikezela umshomo
Lgi-	wamaningi alandelayo.
lgi-	Ubunzima umntanami, ubasuse, clilangabezana nabo,
vo-	ubuhliingu abuzwa, nayo yonke indumalo yomhlaba, kwaku-
se-	fanele kube yisifundo sikanoma ubani.
da	Kodwa ngokuhamba kwesikhathi emva kwalokho kudu-
te,	mala kwami kokushonelwa ngubasuse, sengithembele k-uphela kusibongile, kwafika isikhathi lapho ingqondo yami yabhekana
D-	futhi nesicelo sikasibongile engangingazange ngiphuphe ukuthi
zi	siyoki-,ba khona.  USibongile wahlala wahlala wakhathala
:U	ukuhlala emsinga.  Ukusingana nemisesana onke amalanga kwangena enhliziyweni kwaba nesidina, kanye nokuchocha kwelanga lakocwaka kwamcoba.
Kviantwela kamuva kimi ukuthi isikole sasitshale imbewu
d	engqondweni yakhe okwahamba kwahamba yaqhuma yakhula. Njengoba wayengasahlali nabantu besikole kwakufanele ukuba lembewu yayingasaniseleki, ngakho umuntu angacabanga ukuthi kwakufanele ife.  Kodwa-ke phela ukhula kaluniselwa, zonke izithombo ezingadingakele ziyazimilela azidingi naktihlakulelwa.  Imbewu leyo eyatshalwa yisikole engqondweni kasibongile yakhula njengalo ukhula esilwaziyo, nakade, emlva kokuba usibongile asasiyeka isikole.  Mhlawumbe othisha basuke bengaqonde kwedukisa izingane, noma ngamanye amazwi basuke bengazi ukuthi lokhu kuyedukisa.  Kodwa kuningi ok-ukhulunywayo ezikoleni, nokufundwayo, okungaphathelene nenhlalo ezabelweni.
Ezinye zezincwadi zesizulu ayesifundela zona usibongile, yebo zaziphathelene nenhialo yasemakhaya ezabel@veni, kodwa indlela ezazifundwa ngayo nencazelo eyayenziwa ngothisha kwak-ungeyokuyibukela phansi lenhlalo, ijivazwa, kuthiwa yisidala.  Lapho kukhitlunywa ngamasiko ezincwadini lapha, kwakuphawulwa uk-uthi lamasiko ayesedlulelwe yisikhathi, ngamasiko avegcinwa kudala.  Amaningi alamasiko kwase

137

kuyinto yokuhlekisa nje ezifundisweni. lzifundo Iezi okwakuthiwa ngezempilo zazihlose ukuhlakaza uhlelo okwakuphilwa ngalo kwazulu.  Kwakuthiwa injongo yazo ukuveza uhlelo olusha nolunempilo kakhulu, engabe kukhona yini kwenye indawo umhlaba ungaka nje lapho kungafiewa khona inani labantu eliphilise okwabakwazulu, abahlala ngohlalo oludala lukazulu pbaqa?  Ungeze wayitshela-ke ingane ukuthi konke okwenziwa nguyise kungcono ayingabe isakulandela.  Ingane ngeyokutshelwa ukuthi kukliona okwenziwa nguyise okueolile, okumelwe ukuthathelwa.  Ak-usizi ngalutho ukuba ingane itshelwe ukutffi khona ekhaya kukhona abangemsulwa, abenza noma abasalandela okungafanele, abangafanele nokuba ibahloniphe.  Uma kukhona ok-ungalungile okwenzeka ekhaya, yebo kuhle ukuba iqondisiswe izinto yona ngokomthetho, kodwa hayi ukuba abadala bakhishwe isithunzi enganeni.
Ngesinye isikhathi usibongile nonina bake bangibelesela ngeswela ukuthi ngizobachazela bezwe kanjani.  Babefuna ukuba ngimbe umgodi omude nobanzi ngokwanele kuthi ngaphezu kwawo ngakhe indlwana bese leyondlu isetshenziswa njengendawo yangaphandle-ke.  Ngafunga ubabamkhulu ngathi ngike ngakwenza lokho ngingabe ngiyagula.  Ngangingangenwa yisifo ngilale nok-ulala phansi ngike ngasebenzisa indawo efana naleyo.
Inguquko yayiningi, nokuphuma okhondweni lwamasiko kwakukhathaza.  Kanjalo nesithunzi sobuzwe neqholo lobuzwe laliya ngokwehla lishona njalo okwamanzi atheleke esihlabathini ashona nyi sisale sona siqhekeka ngaphezulu.  Izindaba ezazifundwa yizingane esikoleni zaziphathelene ikakhulukazi nabantu abakhulu nabaphakeme asebake baphila kulomhlaba.  Kulabo bantu kwakuphathwa futhi nabakwazulu.  Kodwa-ke uma sesibuya futhi sizocubungulisisa, ezingqondweni zezingane ushaka noma uzwide kabaqhathaniseki ngokwenelisayo nalabo bantu aba ina bewahlulile amakhosi akwazulu.

gc
Kuqale-ke futhi k-abuye indaba endala yomkhonto nesibhamu.  Ngisho nokuyingane yentombazanyana kuyawubona umehluko, k-uze kube sengathi namkhonto lowo ungabe usaphathwa 138

2 2 1 v e k
c



b k

9( n( zi in b@ Se

nak-uphathwa nje.  Kuze kube sengathi uyisisihla esisemzimbeni
,a	endaweni evele umuntu -.swele ukuthi angasale eseyifihla


@e	kanjani.  Ugcine ufane nesici.  Kodwa-ke lokhu kwakungenjalo

ii	esikhashaneni esiphambili, ngimfunge uphumzile.

	Lapho kuxoxwa indaba kashaka. kuyaywe kuthiwe
c	kuxoxwa indaba yomuntu ongehlukile ezimini, umuntu owayengenabo ububele, owayengenalusizo futhi owayengafanele ukubusa.  Kuthi-ke lapho sekuxoxwa ngabezinye izizwe, babekwe batomotwe bagcotshwe ngamakha.
Ezinye zezigejana ezincane zabafana ezase zike zafunda izikole ngezikole zazike zixoxe ngazo Iezi zindaba.  Zazisho nokusho zithi yebo kwakungangabazisi khona uk-uthi kwalcuthokozisa kusaselwa ukufundwa kwezindaba zikadingane nemisebenzi yakhe neyabanye kanye nemicabango yabo, kodwa Iezi kwakuyizikhathi lapho izinto zase ziqalile ukungagayi ngomhlathi omdala.  Zazithi-ke Iezi zigejana izindaba Iezi ezenzeka kudala kudala kwakungafanele zisetshenziselwe uk-uba zibhebhezele abantu baphindele kulezo zindlela ezindala zempilo yakuqala.  Lokhu-ke ukuba konke kuthathelwe phezulu, kwengulwe nje, k-wakungenakwenzeka.  Labo ababevumelana naleso sigejana salabo bafana babeqinisa ngolcuthi uk-uba umuntu aze azihluphe abhekise amehlo akhe emuva efuna ukuhlohsisa inhlalo yakuqala, lokho k-ungaba lusizo lcuphela uma kuzokwenza inhlalo yesikhathi leso umlando omusha okusona, ibe ngcono kunakuqala.
UmLungu akakaze azame ukusebenzisa ulwazi lwakhe ngezemilando yakubo ngalendlela, ngaphandle-ke kodwa ngokwamazwi.  Abanye babo abelungu laba basakhonze bethengisa izinqola bethi zilukhulu zinomlando ohloniphekile, kodwa abaningi babo manje basebenzisa izimoto.
Konke lokhu ngangikuqaphelisisa ngilcunakashele ngagcina ngingasamsoh neze uthisha esikoleni, noma uhlelo alulandelayo asebenza ngalo.  Ngabona ukuthi lokhu kwakungakwazi ukuba ngolcunye.  Lokho engase ngikubona kwase kuyikho impela lokho okwakushiwo ngushaka lapho ethi abclungu base befikile sebezokudla konke lokho umuntu ayenakho.  Sengathi sebenze baze bedlulela nakulokho ushaka ayecabanga 139

ukuthi bayofinyelela kukho.  Bayibhidlizile yonke indlela esasiphila iigayo.
Mina ngokwami, angikhathali ukuthi umlungu utliim, nanoma ubani omunye, eyethu indlela esasiphila ngayo yayiyinhle.  Ngangicabanga ukuthi indodakazi yami, usibongile, yayizobambelela kuyo indlela esasiphila ngayo inamathele njengesinkwe sinamathele emthini.  Olcungenani-ke ikwenze lokho nje ngize ngife.
Kodwa-ke akubanga njalo.
Ngiyawazisa lowo muhla, anginalculikhohlwa lelo kuseni, liyohlala lindondoza njalo izwi lomkam,. uMaZondi akhuluma ngalo ngalelo langa.  Lolu k-wakulusuku mhla uMaZondi engibikela ukutffi usibongile wayefisa ukuyofuna umsebenzi edolobhaneni elalik-ude nasemsinga.
Ngambiza umntwana.  Ngayeluleka indodakazi yainj ngizama ukuyichachisela ukuthi lokho eyayikusho ikufisa, kwakungesikho okufanele.  Ngamchazela umntanami ulclithi ukuhamba aye emadolobheni, ayosebenzela abelungu, abachithele izitsha ekuseni nje ngoba efuna -ukuyobona ubiinjalo bedolobha, kwakuyikuba nomqondo omfishane.  Idolobha laliyini Iona, ize Ieze leli.  Lona lolo lwazi lwesimo sedoloblia lwalukhokhela ngani?
Ngakhuluma r@gimbheke emehlweni kodwa kiingawami aychlengezela izinyembezi ngathi: "Okhokho bakho kwakungabantu abaldiulu, futhi kwakungabantu abalungile.  Musa ukulalela labo abathi oyihlomkliulu babengamaqaba aluhlaza, bengabahedeni, akusibantu ongacabanga ugabo neze.  Labo-ke mntanami, ok-ushiwo kubo njalo, babengcono kunanoma yimuphi umuntu ongamfica noma kuliphi idolobha namhlanje.  Yebo, babephezulu, angikhathali ukuthi bona babengafundile 1 bengayi sontweni, izinto ezalethwa ngumlungu kuleli.  Shono- 1 ke, mntanami, usithathephi isibindi, uwaqoqe kanjani lamandla osunawo ok-uba ubukele phansi udelele -uhlanga owaphuma kulo na?  Noma umuzi owakhuliselwa kuwo na?"
Yonke inkulumo yami leyo, nokudabuka kwami enhliziyweni, akubanga namphumela engangiwuqondile.  USibongile akanqakuzisananga nami ngamazwi.  Ngakhuluma ngaze nga-

140

2
1

,sasi-	qeda ethule.  Kwathi lapho esenikezwe ithuba ukuba akhulume, wakhuluma ngezwi elinentobeko kodwa ngokuzimisela ngalo-
,llini,	kho ayekusho.

ayi-	"Baba, kuliqiniso ukuthi obuningi ubukhazikhazi bedo-

y
agile,	lobha bulize elingenambuyiselo.  Anginakubunaka.  Kodwa-ke

thele	baba, ngivumele n-isale sengikuthulula konke okusenhliziywe-

cl
de kukwedelela nakancane.  Kulabo asebeyi-

enze	ni yami, angiqon

buka ngelinye ilihlo lenhlalo, elehlukile kulelo elakho, baba, labo abangaseklamuklanlu ekukhonzeni namadlozi naseku-
,eni,	landeleni amanye amasiko abangasakholwa ukuthi kunembu-
ima	yiselo ethile ukuwalandela, idolobha libaqukethele okunye
ngi-	abangak-utholi uma behlezi lapha.  Ngizizwa ngifana neagane
nzi	esaqala ukugaqa, ngiyazi futhi ukuthi ngiselapha emsinga anginakufinyelela ebangeni lokuhamba noma lokugijima,
imi	noma nini.  Leyo micabango iyangidla ngaphakathi kayinginiki
isa,	thuba lokuphefumula.  Kubi nje ngoba nakhu baba lendaba
ithi	ikuphatha kqbi.
ba-	Yebo edolobheni ngiyokwenziswa izinhlobonblobo zenn-
alo	sebenzi, eminye ceasulayo, kodwa linye ithemba lami, ngelo-
)ha	kuthi lapho edolobheni baba ngiyophila ngemfanelo.  Ngiyo-
5ha	bona izinto eziningi engil-dala ngiphupha ngazo.  Anginakubhunguka, lokho angidalelwanga kbona ngisho ingemuva
xni	selilibi lingan,,igculisi kangakanani.  Ngiyobuya masinyane,
"U-	baba, ngizohlala nawe, anginakugugela edolobheni, qha.
@sa	Lapho sengibuyile-ke siyohlala name nomama nabafowethu
ta,	abaselapha, lapha emsinga, lapho wena uthanda kangaka.
k@	Ngiyoziphatlia kahle, ngiyakwazi okulindelekile kimina.  Nawe
U-	baba, ungufakazi wami, akukho nachashaza clilodwa osuke
@e.	walibona ek-uziphatheni kwami.  Kungenzeka kanjani-ke ngi-
ale	Ialilekelwe yibumina, negugu lokuba intombi yakho, ngiziphathe kabi edoloblieni na?  Yebo, baba, ngiliqwabe, ngiyoziqhenya njalo ngalokho, anginakukhohlwa ngisho ngilele, ukuthi emhlabeni ukhona umuntu okungafanele ngimphoxe, onguwena."

Nganyakaza kancane kusengathi ingqondo yami iyahamba idukuza emanzini, kuyafikizela phambili.  Ngakhipha ugwayi wami ngabhema, ngambuka futhi umntanami ngathi: 141

"Kanti sekwenzenjani emhlabeni manje lapho sekuzophuma amantombazane abanumzane ayosebenza?  Sengehlulekile yini mntanami ukunondla ngokwanele na?  Sengichake ngokungako yini na?  Sengehlulekile yini ukukwenelisa kuzo zonke izinswelo zakho na?  Usuhlubule, uyalamba?"
Kwaqhubeka-ke uMaZondi ekhuluma naini engincenga.
"Gumede kuhle njengoba umntwana eziphethe kahle nalapha ekhaya athenjwe, ajatshuhswe futhi, ake avunyelwe ukuya lapho ethi ufuna ukuya khona, Gumede.  Futhi-ke Gumede, kuhle umuntu ake ashaywe umoya.  Bheka nje uSibongile akanabo nakahle-ont;inga yakhe lapha angaxoxa nabo nezinye izinto zezikole nezemfundo.  Nokho uhlezi, uziphethe kahle ngokumangalisayo usibongile.  Akadedelwe, Gumede."
Lapho ngaphendula ngambalwa nje: "Anginakuholwa ngumfazi ngekhala mina."
Zaqhubeka-ke izinkulumo ezinje, kwashona langa kwasa langa.  Ngangithi ngithi ngikhulume noMaZondi wezwa, kufike usibongile.  Kwesinye isikhathi ngithi usibongile uzwile akasezukubuya, abuye.  Elcugcineni ngathela.  Yilezi zikhathi esikuzona.  Hayi.  Umnumzane womuzi waklie owehluleka ukubuyisa indodana yakhe ingabi umdlwempe, wafikelwa umzuzu lapho futhi ehluleka uk-uba enze izwi lakhe lizwiwe lihlonishwe yindodakazi yakhe.
"Yenza-ke amalungiselelo mntanami ungitshele lapho usuqedile.  Kodwa uze ungakhohlwa ulcuthi inhliziyo yanii kayeneme neze ngalokhu.  Uthi kukhona umngani wakho okubhalele wakutshela ukuthi kukhona umsebenzi oniuhle akutholele wona eglencoe?  Kulungile, hamba, kodwa sengathi ngabe ngiyamazi lowo mngani wakho, sengathi ngabe ngiyazi futhi ukuthi uzofinyelela kanjani kulo iglencoe lelo eselikulinge lakwenza wadela ikhaya."
Ngaleso sikhathi ngafisa sengathi ngabe kwak-ukhona insizwa eyayingamphonsa usibongile, okungenani aqome imcele, ukuze angabe esahaniba ekhaya.  Ngahlala nganinga ngazibuza ngaziphendula kodwa kweminye imibuzo yami kangathola mpendulo.  Zase ziyephi zona izinsizwa emsinga uk-uba zase zizoshikiliswa zize zigcine zehlulwe itshitshi elingusibongile.

142

e

